EzakamuvaiNedbank Cup

UTapelo Xoki uchitha eyenhlanhla yeBucs kwiNedbank Cup

Umdlali we-Orlando Pirates, uTapelo Xoki, uwuchithile umbono wokuthi ‘banenhlanhla yokuxegiseleka’ uma kuqhathwa kwiNedbank Cup. 

UTapelo Xoki wenze isibonelo ngeKaizer Chiefs edidiswe yiMilford FC emzuliswaneni wokuqala ukucacisa ukuthi awekho amaqembu amancane kulo mqhudelwano. 

Ngesizini edlule, iPirates ize yawunqoba lo mqhudelwano ingazane ilithole iqembu leDStv Premiership kwaze kwaba ikowamanqamu.

Idlale neSekhukhune United kwamanqamu. Nakule sizini eZimnyama zivule ngeCrystal Lake FC edlala ezigabeni zeSafa eMpumalanga.

EzikaJose Riveiro zizidlele amahlanga zinqoba ngo 6-0 kulo mdlalo ngempelasonto edlule.

Sekuqhathwa imidlalo yomzuliswano wesibili ngoMsombuluko, iPirates iphinde yaba nenhlanhla iqhathwa neHungry Lions edlala kwiMotsepe Foundation Championship.

Nokho uTapelo Xoki uthi akukho nhlanhla la ngoba okwenze iChiefs, nabo kungabenza uma bezoxega. 

“Imiphumela yomqhudelwano ikhombisile ukuthi ayikho inhlanhla uma amaqembu ePremiership edlala namaqembu aphansi. 

“Sibonile sonke umphumela lapho iqembu elidlala esigabeni esiphansi likhiphe iqembu elikhulu (ebhekise ekukhishweni kweChiefs yiMilford),” kusho uXoki.

Ubekhuluma nabezindaba ngemuva kokuqhathwa komzuliswano wesibili weNedbank Cup eSuperSport Studios eRandburg ngoMsombuluko.

“Ngeke usho ukuthi sinenhlanhla ngoba lawa maqembu asuka ezigabeni eziphansi ayalwa futhi lokho kunobufakazi obuningi. 

“Kumele uwahloniphe ngendlela efanele, akulo mqhudelwano ukuwunqoba njengawo wonke umuntu. 

“Thina siyiPirates umdlalo ngamunye uyafana. Akukho ukuthi sithi sibe nenhlanhla ngokuqhathwa nobani.

“Inhlanhla ebesiyifisa eyokuthi sibe sekhaya, futhi lokho kwenzekile ngakho sijabule.”

UXoki uthe bazimisele ukuyivikela nale ndebe ngendlela efanayo nabenze ngayo ngeMTN8. 

Nokho okwamanje igeja kumele lishone phansi emidlalweni yeligi la iBucs izama ukuthola khona indawo yesibili.

Izobhekana nePolokwane City ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama emdlalweni okumele iphume namaphuzu agcwele uma izimisele ukuqeda endaweni yesibili.