IPirates inengcindezi yokunqoba uma seyitholana neStellies koweligi
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates ihlale ikuthola kunzima ukushaya iStellenbosch FC kungakhathalekile ukuthi isuke idlalela ekhaya eSoweto noma eKapa.
EZimnyama zizokwamukela iStellies emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
Ngesizini edlule iPirates yephule izinhliziyo zabeStellies iyishaya ngo 3-1 emdlalweni wamanqamu weMTN8, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-Okthoba.
Ibuyile iStellenbosch yaziphindiselela ishaya iBucs ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngoDisemba.
Emdlalweni wesibili weligi kugcine kungu 0-0 eKapa, nokuchaza ukuthi iStellies ithathe amaphuzu amane kwiBucs ngesizini edlule.
IPirates iyiqale ngebatha imidlalo yesizini entsha kulandela ukushaywa yiSekhukhune United neMarumo Gallants emidlalweni emibili yokuqala.
Lokhu kuyifakela ingcindezi kakhulu iBucs ngaphambi kokubhekana neStellies ngoLwesithathu ebusuku.
IStellies nayo ayiqalanga kahle ishaywa yiKaizer Chiefs ngo 2-0 emdlalweni wokuqala eKapa.
Emdlalweni wesibili ezikaSteve Barker ziphinde zalahla amaphuzu zibambana neMagesi FC ngo 1-1.
Nakanjani lo mdlalo uzodla ngokushuba kakhulu njengoba womabili amaqembu ewadinga kakhulu amaphuzu.
Ngempelasonto iBucs neStellies banemidlalo enzima yeMTN8 yemilenze yesibili kowandulela owamanqamu kulo mqhudelwano.
IPirates ibambane neMamelodi Sundowns ngo 1-1 ngempelasonto nokuchaza ukuthi izoya ePitoli idinga ukushaya igoli nakanjani.
IStellenbosch ishaye iSekhukhune ngo 2-0 emlenzeni wokuqala eKapa.
Leli qembu laseKapa lisethubeni elikahle lokuphinde lidlale kowamanqamu weMTN8 okwesibili amasizini elandelana.

