UHunt ucacisa ngoGift Motupa ojima neSuperSport
Mancane amathuba okuthi lowo oke waba ngumdlali weMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates uGift Motupa asayine kuSuperSport United kule sizini yize ezilolonga naleli qembu.
UGift Motupa udlale ngaphansi kukaGavin Hunt kwiBidvest Wits futhi ubheke ukuvuselela ibhola lakhe ngemuva kokuhlukana neSundowns ngenyanga edlule.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 engatholakala mahhala njengoba inkontileka yakhe inqanyuliwe kwiSundowns.
Lokhu kusho ukuthi angasayina kuMatsatsantsa a Pitori nanoma yiliphi elinye iqembu elinentshisekelo ngaye noma kunini.
Nokho, ngenxa yezinkinga zezimali, uHunt uthe iSuperSport ingaze ibone ekupheleni kwale sizini ukuthi inikeze lo mgadli inkontileka.
“Endabeni kaGift (Motupa), ngeke sikwazi ukumsayinisa kule sizini,” kusho uHuntu kwabezindaba ngempelasonto.
“Ngeke sikwazi ukumthatha. Ngike ngakhuluma naye ngalokho, kodwa ufikile ukuzoziqeqesha nathi.
“Uyazi ukuthi unesikhathi eside engadlali ngakho-ke uzama ukubuyela esimweni esifanele njengoba ejima nathi futhi sizobona ngoMeyi noma ngoJuni ukuthi senza njani ngaye.
“Vele sekusele izinyanga ezimbili noma ezintathu kuphela,” kuchaza uHunt ongomunye wabaqeqeshi abanamava kuleli.
UMotupa udedelwe yiSundowns nje ubengakaze akwazi ukuthola ijezi kusukela asayina kuyo eminyakeni ecela kwemine edlule.
FUNDA NALA: Le Chiefs ayisafani nesasidlala kuyo thina – Lebese
Ukungadlali kwakhe kwenze wagcina ezimukile ngokomzimba kanti kuzomele asebenze kanzima ukubuyela esimweni ukuze ahehe amaqembu azomsayina

