UNtseki ukhala ngokudedela kweChiefs igoli isekhaya
Sbongs Gumbi
UMolefi Ntseki uthi lizobagqilaza emlenzeni wesibili igoli iKaizer Chief elidedele emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu kwiMTN8 ngoMgqibelo.
IChiefs ilishaye kuqala igoli kulo mdlalo obuyisinda ngendlela eyisimanga, kodwa yabuye yahuqa ubuthongo umdlalo sewuyophela, yalinganisa iSundowns.
Igoli leKaizer Chiefs lishaywe ngu-Edson Castillo, engqofela phakathi ibhola ebeligotshwe kwesokunxele.
Kodwa kuthe umdlalo usuyophela, uKhuliso Mudau naye wangqofela phakathi ibhola ebeligotshwe kwesokudla.
Lo mdlalo obuseFNB Stadium ube sewuphela zibambene ngo 1-1. UNtseki uthi akukhona abebekuhlosile lokhu.
“Akuyona into ebesiyifuna lena. Isiwombe sokuqala ke nje sona kungcono singakulumi ngaso,” kusho uNtseki ngemuva komdlalo.
“Sibe ngcono ngesiwombe sesibili, sakwazi ukudlala futhi sabuye sabacindezela, sesidlala ngokuzethemba.
“Sikwazile nokwakha amathuba okushaya amagoli saze sagcina silitholile,” kuchaza lo mqeqeshi weKaizer Chiefs.
UNtseki uthi ubefisa bangangenelwa goli ukuze babe nethuba elingcono emdlalweni womlenze wesibili ozoba selucas Moripe Stadium ngoSepthemba 23.
“Ishwa kube wukuthi singalikhiphi ibhola ukuze sikwazi ukufaka abadlali abebezoqinisa emuva. Sibe sesidedela igoli ngesikhathi esingafanele.
“Besingafuni ukungenelwa yigoli njengoba lo mdlalo unemilenze emibili nje. Igoli elingene ngakithi lizosigqilaza emlenzeni wesibili.
“Besihlele ukuthi singangenelwa goli. Ngakho ngicabanga ukuthi akuphoxekile mina njengabaqeqeshi nabadlali nje kuphela, kodwa nabalandeli baphoxekile.”
FUNDA NALA: UMiddendorp ngathi wawugqabela umsebenzi, usethole iqembu elisha
IKaizer Chiefs sekomele izibambe ziqine emlenzeni wesibili ukuze ikwazi ukudlulela kowamanqamu, ibe nethuba lokuqeda indlala yezindebe.