UNgobeni ushaywe wumthetho weDowns, ngeke adlale
SIHLE NGUBO
USifiso Ngobeni, waMaZulu FC, ngeke alithole ithuba lokubhekana neqembu elimbolekisile iMamelodi Sundowns emdlalweni weligi.
Usuthu luzobhekana naBafana Ba’Style emdlalweni weDStv Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
Ngokomthetho ojwayelwe ukushaywa yileli qembu laseChloorkop, umdlali obolekiswe yilona kwelinye iqembu akadlali uma selibhekene neSundowns.
Lokhu kuchaza ukuthi AmaZulu angasihlohla isibhamu sawo, sigcwale zonke izimhlamvu, kodwa hhayi le (inhlamvu) abayiboleke kwiSundowns.
Impempe ibuze okhulumela AmaZulu, uPhilani Ndlela, ukuthi kumi kanjalo yini ngokwesivumelwano sabo nezikaRulani Mokwena.
“Ngebhadi mfowethu kunjalo nje, ngeke adlale,” kusho uNdlela kafushane.
USifiso Ngobeni ufike kuMaZulu ngesikhathi kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari.
Uzohlala kuSuthu kuze kuphele isizini ka-2023/2024 bese ebuyela ekhaya eChloorkop.
Abadlali abaningi abasuke bebolekiswe yiSundowns kwamanye amaqembu, ababhekani nayo uma idlala nalelo qembu.
Lokhu kungoba iSundowns isuke isaholela lowo mdlali ingxenye enkulu yeholo lakhe, ngokusho kwabazaziyo.
AmaZulu agcine eshaywe yiCape Town Spurs ngo 3-1 emdlalweni weligi ekuhambeni ngoFebhuwari 17.
Nakanjani Usuthu luzozabalazela ukuthola okungasenani iphuzu uma selubhekene neSundowns engashayeki kalula ekhaya.
Ngasohlangothini lweSundowns igcine ibambane ne-Orlando Pirates ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership, ngawo uFebhuwari 17.
Abafana Ba’Style bazihambela bodwa njengoba bevule igebe lamaphuzu ayisishiyagalolunye esicongweni selogi yePremiership. Banamaphuzu angu-39.
ISundowns isele emuva ngemidlalo emibili futhi ayikashaywa selokhu kuqale isizini. Isadlale ngokulingana kathathu emidlalweni engu-15.
FUNDA NALA:Â UJohnson uthi akahlangene nendlala yezindebe kwiChiefs
Usuthu lona luyibambe endaweni yeshumi ngamaphuzu angu-22 emidlalweni engu-17. Uma luba nenhlanhla luwina lungagxumela endaweni yesishiyagalolunye kwilogi.

