‘Kunzima kodwa…,’ kusho uXoki ngokushiywa uLorch
Akaphikanga uTapelo Xoki ukuthi ukushiywa umdlali omqoka njengoThembinkosi Lorch yinto enzima.
Lo mdlali wasemuva we-Orlando Pirates uveze ukuthi kwaba nzima ukwamukela ukuthi uLorch uyabashiya uyojoyina izimbangi.
ULorch ujoyine iMamelodi Sundowns ngoJanuwari kanti ukuhamba kwakhe kwashiya izinyembezi kubalandeli bePirates.
Yize uLorch eseze wajwayela kwiSundowns futhi eseshaye negoli lakhe lokuqala, ukukhala ngaye akukapheli kwabeBucs.
UTapelo Xoki, ongomunye wokaputeni kwiPirates, uthe iqembu lalahlekelwa kakhulu kuhamba uLorch.
“Kwaba wukulahlekelwa okukhulu kuwo wonke umuntu oseqenjini,” kusho uTapelo Xoki ngoMsombuluko.
Ubekhuluma nabezindaba ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu azodlala emzuliswaneni wesibili kwiNedbank Cup.
“Kodwa yinto okwadingeka siyemukele, ibhola leli – izinto ezinjena ziyenzeka.
“Njalo uma kuvulwe iwindi (lokuhwebelana ngabadlali) kusuke kuyisikhathi sezinto ezinjena ukuthi zenzeke.”
UXoki uthi uLorch ulisebenzelile iqembu ngesikhathi sakhe futhi uzakhele igama, washiya izinkumbulo ezingasobe zalibaleka.
“Ulisebenzele kahle iqembu futhi simfisela okuhle phambili… Kodwa manje kumele sidlule kulokho ngokushesha bese sigxila emidlalweni ezayo,” kusho uXoki.
IPirates iqhathwe neHungry Lions edlala kwiMotsepe Foundation Championship kwiNedbank Cup.
Ifike kulo mzuliswano ngokuzihubuluzela isobho kwiCrystal Lake FC, iyishaya ngo 6-0 emzuliswaneni wokuqala.
Leli qembu likaJose Riveiro lizobhekana nePolokwane City emdlalweni weDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
IPirates isalele emuva ngamaphuzu angu-13 kwiMamelodi Sundowns eqhakele kwilogi yePremiership.
FUNDA NALA: UNgobeni ushaywe wumthetho weDowns, ngeke adlale
Isanamaphuzu angu-26 ngemuva kwemidlalo engu-17, kanti uRoveiro usekuvezile ukuthi abasahubhi iSundowns, sebebheke indawo yesibili.

