EzakamuvaIbhola

Kucaciswa eyokuqokwa kweDowns kwi-AFL, kusale ontabakay’khonjwa 

Umengameli weCaf, uPatrice Motsepe, usegcine ephumele obala ngesinselelo ngokubanjwa kwemidlalo ye-African Football League (AFL) okokuqala.

Enye yalezi zinselelo iPremier Soccer League (PSL) ayikacacisi kuze kube manje ngokunikeza iMamelodi Sundowns imvume yokuyodlala lo mqhudelwano ngesonto elizayo.

Ekhuluma nabezindaba ngaphambi kokuqhathwa kwamaqembu azodlala kwi-Africa Cup of Nations ka-2023 e-Abidjan, e-Ivory Coast, uMotsepe uveze okwenze kwaqokwa iSundowns kuphela kuleli. 

Uthi basebenzise uhlelo lokukleliswa kwamaqembu ngokwemigomo yeFifa neyeCaf ukuhlonza amaqembu azodlala lo mqhudelwano.

“Ubuze ngeMamelodi Sundowns, umsebenzi wami wukusebenzisana nawo wonke amakilabhu ebhola nakuzo zonke izizwe ezwekazini lase-Afrika. 

“Ukuhlonzwa kwamaqembu kwenziwe ngokubheka ukukleliswa kwamaqembu yiCaf neFifa,” kusho uMotsepe. 

“Bekubhekwa ukuthi ukuliphi izinga, ngokubheka ukuthi iqembu lingena kangaki kwiCaf Champions League nokuthi seliyinqobe kangaki.” 

Ayisishiyagalombili amaqembu azodlala kulo mqhudelwano. Kukhona iSundowns, Al Ahly, TP Mazembe, Enyimba, Petro De Luanda, Simba SC, Esperance neWydad Casablanca. 

UMotsepe uphinde waveza ukuthi usetholile ukuthi ezinye zezinselelo abanazo ngalo mqhudelwano zidalwa wukungaxhumani kahle kwezinhlaka ezengamele ibhola. 

“Angikusho lokhu njengomengameli weCaf, uma ngikubeka kahle, mayelana nokuxhumana phakathi kwe-African Football League okuwumqhudelwano weCaf. 

“Futhi njengomengameli weCaf, kufanele ngiziphendulele ngoba angikwazi ukuxhumana ngqo namaqembu. 

Kepha kumele sixhumane nenhlangano eyengamele ibhola, bese kuyiyo edlulisela umlayezo phambili. 

“Manje inkinga wukuthi kwamanye amazwe inhlangano eyengamele ibhola, nohlaka oluphethe ibhola elikhokhelayo abasebenzisani ngendlela efanele.

FUNDA NALA: Ixegiselekile iBafana kuqhathwa awe-Afcon e-Ivory Coast

“Kodwa ke yizinto eziyisifundo lezi okumele sizithathe ukuze zisisize ngokuzayo,” kuchaza uMotsepe.