Umgadli weBafana Bafana uthi yibona ababhidisa ikhwaya eqoqweni labo
SIHLE NGUBO
Ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2026 kusezandleni zeBafana Bafana, ngakho asikho isidingo sokunaka kakhulu okwenzeka eceleni.
Lona ngumbono womgadli weBafana Bafana, uLyle Foster, ngaphambi komdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba obalulekile abazowudlala neNigeria ngoLwesibili.
INingizimu Afrika izotholana phezulu neSuper Eagles eToyota Stadium, eBloemfontein, kulandela ukushaya iLesotho ngo 3-0 enkundleni efanayo ngoLwesihlanu.
Ukunqoba kweBafana Bafana kuyibeke esimeni esikahle kakhulu njengoba iqhwakele kuGroup C ngamaphuzu angu-16.
Ishiya iNigeria, esendaweni yesithathu, ngamaphuzu ayisithupha ngaphambi kwalo mdlalo obhekwe ngabomvu eBloemfontein.
UFoster uthi kuyabakhulula kakhulu ukuthi bakulesi simo abakusona njengoba sekusele imidlalo emithathu kusongwe eyokuhlunga.
“Kubalulekile ukuthi sinqobe umdlalo futhi ngoLwesibili,” kusho uFoster odlalela iBurnley kwi-English Premier League.
“Kuyinto emqoka ukuthola amaphuzu aphelele kule midlalo yokuhlunga.
“Angicabangi ukuthi ingcindezi ikithina. Njengamanje silapha sikhona eqoqweni lethu okuyinto enhle kakhulu.
“Ingcindezi ikulabo abazama ukufika kithina kodwa lokho akusho ukuthi kumele sizithambise.”
INigeria izithola inengcindezi yokunqoba yonke imidlalo yayo yokuhlunga esele, ukuze izibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba.
ISuper Eagles ishaye iRwanda ngo 1-0 ngoLwesihlanu ekhaya, okwenze yanyukela endaweni yesithathu.
Izobhekana neBafana Bafana engekho uVictor Osimhen weGalatasaray yaseTurkey, olimele, kodwa kuzomele izame ukuthola amaphuzu amathathu ngoLwesibili.
“Kumele sigxile kulokhu esikwenzayo. Njengamanje konke kusezandleni zethu,” kuqhuba uFoster ongumkhiqizo we-Orlando Pirates.
“Abantu abanganquma emidlalweni emithathu elandelayo ukuthi siyazibekisela indawo noma cha, yithina.
“Ubukuba eminye imiphumela akusiphazamisi nakancane nje. Kukithina ukuqedela umsebenzi futhi singakwenza lokho.
“Kukhona lo mdlandla omusha. Le nto yokufuna ukulwelana.”
UFoster ushaye igoli lesibili ngesikhathi iBafana Bafana iqumba phansi iLesotho ngoLwesihlanu.
Nakanjani lo mgadli angakujabulela ukushaya elinye igoli bebhekene nezimbangi ezindala iNigeria.

