‘Singenza kangcono,’ kusho uMaswanganyi iBucs incenga iCity
I-Orlando Pirates ayizange idlale ngendlela ekukhombisa ngokusobala ukuthi ngokwamazinga phakathi kwayo nePolokwane City yiyo ephezulu.
Lezi zinkunzi zaseSoweto zike zangakwazi ukubamba umgqigqo kulo mdlalo eziwunqobe ngo 1-0 obusePeter Mokaba Stadium ePolokwane.
Mhlawumbe kungaba wukushisa kwasePolokwane okudale lokho kwazise umdlalo uqale ngo-3.30 ntambama.
Nokho uPatrick Maswanganyi, oqokwe waba nguMdlali oVelele kulo mdlalo wangoMgqibelo ntambama, uthi kumele benze kangcono.
“Siqale ngegiya eliphansi siyiqembu,” kusho lo mdlali osekukaningi eqokwa njengovelele kule sizini.
“Kodwa kuye ngokuba ngcono esiwombeni sesibili, sanqoba ngegoli elilodwa.
“Nokho lokho akwanele kithi ngoba besifuna ukushaya amagoli amaningi kulo mdlalo.
“Sisebenze kahle sonke ngokubambisana nokusizana sanqoba ngegoli elilodwa eqandeni – sijabule ngalo mphumela ikakhulukazi ngoba besisekuhambeni.
“Bekuwumdlalo onzima. Bayiqembu elidlala ngomdlandla kanti thina asifunanga ukuphikisana nabo kulokho.
“Sibancenge kancane nje saze sangena egiyeni, ikakhulukazi mina ngasekupheleni komdlalo bese ngikwazi ukuthola kahle ibhola.
“Ngibe sengiliphasela ozakwethu futhi ngikholwa wukuthi yinto esingayenza ibe ngcono leyo.
“Emdlalweni ozayo kumele sisheshe singene egiyeni,” kuchaza uMswanganyi.
Isiwombe sokuqala siphele kungenagoli yize iPirates iwatholile amathuba amahle ebingalithola kuwo igoli.
Kube u-Evidence Makgopa othole amathuba amahle, kodwa amhlula.
Kodwa ke uligezile igama lakhe esiwombeni sesibili ngesikhathi engqofela enethini ibhola eligotshwe uDeon Hotto.
Leli goli lingerie kade iPirates seyihlasela ngabagadli ababili – uMakgopa noTsegofatso Mabasa.
Lokhu kwenze izitobha zeCity azangazi ukuthi kumele zigade bani phakathi kwabo, futhi kwasebenza.
Nokho umqeqeshi ubuye washeshe wakujika lokho, wamkhipha Makgopa efaka uKabelo Dlamini endaweni yakhe.
Lo mphumela unyusele iPirates endaweni yesine njengoba isinamaphuzu angu-29 ngemuva kwemidlalo engu-18.
Isalele ngamaphuzu angu-13 kwiMamelodi Sundowns okuyiyo ezihola phambili kwiDStv Premiership.
Nokho vele iPirates seyilwela ukuqeda endaweni yesibili ukuze ibuyele emidlalweni yeCaf Champions League nangesizini ezayo.
FUNDA NALA: UJohnson nesixwayiso esinqala kuMfundo Vilakazi ngeChiefs
IPirates izobhekana neCape Town Spurs okufanele ukuba inegqubu nayo emdlalweni olandelayo weligi.

