EzakamuvaIbhola

Kunehlazo elibi elilengela phezu kweChiefs 

IKaizer Chiefs ibhekene nenkinga yokuthi iqhubeke nokuzifaka ehlazweni uma ingawunqobi umdlalo ezowudlala neTS Galaxy.

La maqembu azobhekana emdlalweni weDStv Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesibili, ngo-7.30 ebusuku.

IChiefs isanda kungena ehlazweni ngokushaywa imidlalo emithathu ilandelana, nokuyinto eyenze kwalahleka ukuzethemba kubadlali.

Ayigcinanga lapho njengoba ivele yethelwa yiMamelodi Sundowns ngelikhulu ihlazo, iyibhaxabula ngo 5-1 emdlalweni weligi odlule.

Njengamanje Amakhosi kumele azame ukunqoba kwiRockets ukuze angazitholi eyizwa ngendaba iMTN 8 ngesizini ezayo.

Uma iChiefs ilokhu iqhubeka nokunganqobi ingazithola iqeda isizini endaweni embi kunazo zonke emlandweni wayo.

IChiefs ishiya iChippa United neLamontville Golden Arrows ngephezu elilodwa njengoba sekusele imidlalo emine kugoqwe isizini.

AmaZulu wona iwashiya ngamaphuzu amabili kuphela, bese abe mane eshiya ngawo iMoroka Swallows neRoyal AM.

Konke lokhu kufake ingcindezi kuleli qembu laseNaturena elishaywa yinoma yiliphi iqembu elidlala kwiDStv Premiership kule sizini.

Amaphuzu enawo iChiefs akhomba ukuthi ingaqeda inangu-45 kuphela uma ingayinqoba yonke imidlalo esele.

Amaqembu amathathu aphezulu kwilogi ngeke isawafica iChiefs ngoba asehlanganise amaphuzu angaphezulu kwangu-45.

Uma Amakhosi enganqobi kwiRockets ngoLwesibili, angazithola egudluzwa yiPolokwane City, yiChippa, yi-Arrows naMaZulu endaweni akuyona, uma la maqembu enqoba wona.

Kungaba yihlazo elikhulu ukuthi iChiefs izithole isendaweni ka-13 kwilogi sekusele imidlalo emithathu kuphela ukuthi kusongwe isizini.

Umgqigqo weChiefs ukhombisa ukuthi kungenzeka noma yini njengoba imidlalo eshaywe kuyona (engu-11), iminingi kunaleyo eyinqobile (eyisishiyagalolunye).