Ibhola

Ophekwe u-AK 47 enkulisa yakhe usethathwe yiChiefs 

SIHLE NGUBO 

USandile “AK 47” Ndlovu, ongumnini weSandile Ndlovu Foundation Development (SNFD), usenconzulele iKaizer Chiefs kubafana abakhiqizayo esekhungweni sakhe.

UNdlovu, oke wagijima kwiMamelodi Sundowns, iMaritzburg United neMoroka Swallows, uzinikele ekuvundululeni ikhono eMgungundlovu namaphethelo, futhi akakuthandabuzi ukuthi kukhona ubisi lwabadlali eMphithi.

Yize engumuntu okholelwa ekutheni kuningi okusafanele akwenze ukuze akhombise iNingizimu Afrika ukuthi ikhono lebhola liyintaxa kuleli kodwa uzishaya isifuba ngalabo abaphume kwiSNFD asebebonwe amaqembu amakhulu.

Kulabo badlali ubala uKeletso Khaile, oneminyaka engu-19, othathwe yiChiefs ukuthi ayodlala eqenjini layo leDStv Diski Challenge (DDC). Ngokusho kukaNdlovu uKhaile ufike esekhungweni sakhe eneminyaka engu-11.

“Ngiyaye ngihamba nabafana ngibathathe ngiye eGoli bayodlala, noma baye kuMaZulu FC, babukelwe bedlala,” kusho uNdlovu oke wayibamba nakwiBafana Bafana.

“Angiyenzi le nto yokuthi umfana ngimhambise yedwa kodwa uma ngibahambisa ngifaka isicelo sokuthi abafana bami badlale kusukela kwi-Under 13 kuya kwi-Under 19.

“Lo mfana (uKhaile) uke wamenywa nakwiSekhukhune United, nomunye okuthiwa uSamkelo, ukuthi bazobabonela eduze…nokho ugcine ehambile waya kwiChiefs lapho efike khona wazibonakalisa.

“Kube nezingxoxo neChiefs kwagcina sekuvunyelwene. Ngibe sengithumela incwadi yokumkhulula kwaba ukuthi bayamthatha kanjalo.”

UNdlovu uthe banayo inselelo yokutholela abadlali amaqembu bangaze bashaywe iminyaka yokukhula kwabo, besenkulisa.

“Kuyaye kube nenkinga yokuthi umfana uma esena-20 enkulisa yethu simtholele iqembu ngokushesha lapho ezodlala khona,” kuchaza uNdlovu.

“Bakhona abanye abadlali abahambe baya kwiSekhukhune eqenjini layo eligijima kwi-ABC Motsepe League. Badlale uhhafu wesizini babuya, angizamge ngithole okuningi ukuthi kwenzekani ngoba angiyona i-agent.

“Ngiyazama ukuthi ngibajimise abafana babonakale. Bakhona nabanye abayozama inhlanhla emaqenjini e-ABC Motsepe League.

“Siyazama ukusebenza futhi bakhona abadlali abahle esibabonayo ukuthi banalo ithuba lokudlala kwiDDC. Kushoda ukuthi nje amaqembu azobabona ngoba siyazama nokubafundisa indlela yokuziphatha.”

UMgungundlovu sewukhiqize inqwaba yabadlali abadlali abagcine behlonishwa ngekhono labo. Lapho kubalwa yena uNdlovu, u-Andile “Sguda” Cele, uMbulelo “OJ” Mabizela, uBryce Moon nabanye.