Omunye umdlali osemncane othembisayo kwi-Orlando Pirates
Njabulo Shezi
I-Orlando Pirates seyinyusele omunye umdlali osemncane eqenjini elikhulu njengoba ihambe naye ukuya ekhempini yayo yokuqala eokulungiselela isizini ezayo eRustenburg.
Lo mfanyana, uYanga Madiba ubonakale kumavidiyo akhishwe yi-Orlando Pirates ngesikhathi iqembu lizicija ngempelasonto.
Lokhu kukhombisa ukuzibophezela kweZimnyama ekuthuthukiseni ikhono kubadlali abasebancane nokubanika ithuba.
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro wamema uMadiba noNeo Mumble ukuthi bazoziqeqesha neqembu elikhulu ngoMeyi ngaphambi kokuphela kwesizini.
Laba bobabili baphuma eqenjini lenkulisa yeBucs elidlala kwiDStv Diski Challenge. Kodwa ngesizini edlule bebeseqenjini le-Orlando Pirates elidlala kwiGauteng ABC Motsepe League, iPele Pele FC.
UMadiba, okwazi ukudlala ophikweni nasesiswini maphakathi nenkundla, ubenoNeo Mumble oneminyaka engu-19 kuleli qembu.
Ukubolekiswa kwabo bekuhloswe ngakho ukubaqinisa ukhakhayi, bathole nolwazi olubalulekile kwiligi enzima ngemuva kokugila izimanga kuligi yeDstv Diski Challenge.
UMadiba ube nesizini enhle kakhulu kwiPele Pele FC njengoba eshaye amagoli angu-18 ukusila leli qembu liqede endaweni yesilibi kwiGauteng ABC Motsepe League.
FUNDA NALA: Ngeke agcinwe u-Andile Fikizolo ‘odembeselayo’ kwi-Arrows
Leli qembu liphunyukwekancane yindawo yokuqala egcine ithathwe yiDondol Stars, kwathi iJomo Cosmos yalala endaweni isithathu.
I-Orlando Pirates isivele isayinise uRelebogile Mofokeng (owayenguRatomo) eqenjini elikhulu ngemuva kokugila izimanga eqenjini leDiski Challenge.