CAF Champions LeagueEzakamuva

UMokwena uthinyuliswa eyokunconywa yizimbangi zeDowns

Akayizwa kahle eyokunconywa amaqembu ayizimbangi zakhe kwiCaf Champions League umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena.

ISundowns iqhubeke nokugila izimanga kulo mqhudelwano, ishaya iTP Mazembe ngoMgqibelo ukuze iqede iqhwakele kuGroup A.

Ngaphambi kwalo mdlalo, uzakwabo – umqeqeshi weTP – uuLamine Ndiaye, uncome iSundowns wathi iyiqembu elihamba phambili kuleli zwekazi.

Ngeke ke kuqondakale ukuthi uNdiaye ubekusho lokhu ngoba encoma ngampela noma bekuwumzamo wokulalisa utshani kwiSundowns.

“Angikujwayele ukunconywa futhi ngihlale ngibatshela abadlali ukuthi bakuqaphele ukunconywa ngoba kufana nokufunzwa uju ngommese.

“Ngiyaqalazisisa uma abantu beqala ukuncoma ngoba kusuke kuzolandela ukuthi bakujuqe,” kusho uMokwena kwabezindaba ngemuva komdlalo. 

“Bazokuncoma kanti bathi lala lulaza sizokwengula. Ngincamela abantu abaphumela obala basho ukuthi bayangizonda mina neqembu lami. 

“Kungcono lokho ngoba ukunconywa kukwenza uzizwe ukhululekile bese ukholelwakulento abayishoyo.

“Ngakho mina angikunaki ukunconywa. Ngincamela ukugxekwa nenzondo esobala. 

“(Ukugxekwa) Kungenza ngizikhandle ngokwedlulele ukuze ngibageze ubebebe kodwa (ukunconywa) ngiyakwamukela ngokuzehlisa.” 

Kube yigoli likaPeter Shalulile eliqhamuke ngephenathi etholwe kade kudlaliswe kabi uLucas Ribeiro enqobe ngalo iSundowns. 

URulani Mokwena uthi ubekugcizelele ukuthi bawunqobe lo mdlalo kulandela ukushaywa kwabo ekuhambeni yiTP Mazembe.

“Kwasala umuzwa ongemuhle ngemuva kokuthi sihluliwe ngoba sasidlale kahle impela eLubumbashi (eDR Congo)…

“Besingcono kakhulu namuhla. Besiwuphethe kahle umdlalo kanti uma udlale kanje kumele ube namagoli amaningi. 

“IMazembe ayizange yakhe thuba, elitholile bekuyiphutha lethu futhi ngaphandle kwalokho, bekungenagcobho ekudlaleni kwethu. 

“Ngijabule kakhulu hhayi nje ngomphumela, kodwa ukuzinikela nobuqhawe beqembu.

“Ngiyaziqhenya ngokuthi siqede siphezulu, lokho kungenye yezinhloso zethu futhi kusinika ukuzethemba njengoba siya kwesomkhumulajezi.” 

ISundowns ingase ibhekane neSimba SC, Young Africans (baseTanzania) noma i-ES Tunis yaseTunisia esigabeni sokuqala kwezomkhumulajezi.