UJohnson uvikela uMthethwa ohhahhanyezwe abalandeli
Useqala ukuba nyamanambana kubalandeli beKaizer Chiefs uSibongiseni Mthethwa ofike kuleli qembu ethwelwe ngeqoma ngoSepthemba.
Ngaphambi kokusayina kwiChiefs, ubehalelwa nayi-Orlando Pirates namanye amaqembu.
IPirates yaze yabolekisa ngoBen Motswari ukuze kuvuleke isikhala sakhe nenombolo yejezi abeyigqoka kwiStellenbosch FC.
Nokho yena wagcina eqome eNaturena futhi wajatshulelwa kakhulu ngabalandeli ababevele bekade benxenxa leli qembu ukuba limlande.
Kodwa ngemuva kwezinyangana ekhona, abalandeli sebeshaya amakhala ngaye njengoba engasadlali ibhola elifanayo nabelidlala kwiStellies.
Lokhu kugqame kakhulu ngoLwesibili emdlalweni la iChiefs beyibhekene nezakhe zakudala, iStellies.
Abalandeli baqalile bamhhahhameza uma kwenzeka elahla ibhola. Sekukhona nevidiyo la elahla khona ibhola bese kuvela umlandeli wesifazane ethi, ‘zinkomo lezinto’.
Kodwa umqeqeshi weChiefs, uCavin Johnson uthe yena akakuzwanga ukuhhahhanyezwa kukaMthethwa.
Kufanele ke kodwa ngoba akababonanga nabalandeli ababemjikijela ngesikhathi ehlulwe yi-Orlando Pirates ngenyanga edlule.
“Bebengajabule ngaye namuhla? Angizange ngikubone mina lokho,” kusho uJohnson kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Kuzofanele ngiyokhuluma naye ukuze azizwe njengomdlali ophelele. Bengingazi ngalokho.
“Mhlawumbe yena useyazi ngakho ngoba izinkundla zokuxhumana ziyashesha – kufanele ngimbuze ukuthi uzizwa enjani.”
Ube esevuma nokho ukuthi kungenzeka ukuthi liyamesinda naye uMthethwa ijezi leChiefs.
“Kodwa iKaizer Chiefs iyiqembu elihlukile, kwenzeka kubo bonke abadlali.
“Kwenzeka eminyakeni eminingi edlule, kuyaqhubeka nokwenzeka ngaso sonke isikhathi.
“Kunzima ukwanelisa bonke abantu abangu-16-million ngesikhathi esisodwa…
FUNDA NALA: Ucacisa ngekusasa lakhe esibhakeleni uThabiso Mchunu
“Into ebagculisayo amaphuzu amathathu kanti uma wehluliwe kuba nzima kakhulu ukwanelisa u-16-million wabantu.”

