Obecija iChiefs ‘uxosha’ kwasani kwiSekhukhune
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi omusha weSekhukhune United, uCedric Kaze, ushanela kwasani kuleli qembu ukulungiselela isizini entsha ka-2026/2027 yeBetway Premiership.
UKaze ubecija iKaizer Chiefs ngokubambisana noYoussef Ben Khalil, osezoqeqesha iDurban City.
Bebobabili laba basize Amakhosi aqeda endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership, ngesizini edlule.
Lokhu kuqinisekise ukuthi iChiefs izodlala kwiCAF Confederation Cup ngesizini ezayo.
Okuphawulekayo nokho ukuthi uKaze uphethe umshanelo omkhulu, uyakhuculula kwiBabina Noko.
Selokhu efikile lo mqeqeshi waseBurundi, iSekhukhune imemezele ukushiya kukaBradley Grobler, uThabang Monare, uSikhosonke Langa, uKatlego Mohamme, uRyan Baartman noRivaldo Coetzee.
Kudlule izinsukwana yabuya iBabina Noko yamemezela ukuthi seyidedele abanye abadlali.
Kulaba badlali kukhona uLesiba Nku, uLebohang Phiri, uRonald Maarman, uSphiwe Mahlangu, noSamkele Sihlali.
Kube nokumangala okukhulu iSekhukhune imemezela ukuthi nonozinti wayo wokuqina uRenaldo Leaner uyalishiya iqembu.
Akugcini ngabadlali kuphela ngoba nasethimbeni labaqeqeshi yinto efanayo.
ISekhukhune seyixoshe nabaqeqeshi u-Andre Arendse, uKyle Solomons noMarc van Heerden.
Yize bese kwaziwa kodwa iSekhukhune ize yakuqinisekisa ngoLwesihlanu ukuthi izobe icijwa uKaze ngesizini ezoqala.
“ISekhukhune United inentokozo ukumemezela uCedric Kaze njengomqeqeshi wayo omusha,” kusho isitatimende seBabina Noko.
“Umqeqeshi uKaze uza namava amakhulu njengoba eke wasebenza neqembu lesizwe laseBurundi, ikwiFC Barcelona Academy eCanada, nakwiYoung Africans SC eTanzania.
“Lo mqeqeshi, oneminyaka engu-46, uphethe iBatchelor’s Degree kwiSports Science, iCAF A licence, neGerman Football Federation licence…”
Kuvela ukuthi uKaze usayine inkontileka yonyaka owodwa enombandela wokuthi angayivuselela ngomunye unyaka.
“Njengoba iqembu liqhubeka nelifuna ukukufeza, siyajabula kakhulu ukwamukela umqeqeshi uKaze kwiSekhukhune United,” kusho isikhulu esiphezulu seqembu uJonas Malajti.
“Ulwazi lwakhe olunzulu lwebhola, ubuholi bakhe, ulwazi lwebhola leBetway Premiership nelaseNingizimu Afrika, kusinika ukuzethemba njengoba sibheke phambili.”

