EzakamuvaIbhola

OweSafa eThekwini nombono ohlukile ngabaqeqeshi kuleli

UMazwi Mkhize, ongumengameli weSafa eThekwini unombono afisa ukuwudluliselwa kumengameli weSafa uDanny Jordaan no-Irvin Khoza ongusihlalo wePremier Soccer League. 

OkaKhabazela uthi ufisa lezi zinhlaka zibambisane bese zishaya umthetho wokuthi bangaqashwa abaqeqeshi bangaphandle kwe-Africa kuleli. 

Uthi lokhu kuzogqugquzela abaqeqeshi bakuleli, kubenze bafune ukuzihlomisa ngeziqu eziphezulu zokuqeqesha.

“Mina ngibona ukuthi abaqeqeshi bakuleli kuzomele bafundele lezi ziqu zokuqeqesha ezidingwa yiCaf. 

“Lokhu kuzokwenza ukuthi uma ngabe sibaxosha (abangaphandle kwezwekazi), sibe sinabethu abahlome ngalezi ziqu ezifunekayo.” 

Uthe isibonelo sokuthi abaqeqeshi bakuleli bengafika ezingeni eliphezulu, futhi bacije abadlali babenze babe ngcono yiMamelodi Sundowns. 

“Ngicabanga ukuthi kuhlale obala ngomsebenzi wabadlali beMamelodi Sundowns ukuthi baqeqeshwa ngabaqeqeshi abasezingeni eliphezulu kakhulu oRulani Mokwena noManqoba Mngqithi. 

“Ngibona ukuthi kumele sibathulele isigqoko laba baqeqeshi beMamelodi Sundowns ngomsebenzi abawenzela iqembu lesizwe, iBafana Bafana. 

“Manje uma ngabe singancethezi ngabaqeqeshi bangaphandle, abanandawo kwiDStv Premiership nakwiSafa. 

“Kumele manje uDanny Jordaan aqashe umqeqeshi wakuleli ahole iBafana Bafana emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba. 

“Ngaphandle kwamathandabuzo, ngibona ukuthi uRulani Mokwena usengayihola iBafana Bafana.”