EzakamuvaIbhola

Isililo ebholeni lakuleli kushona uSimphiwe Mkhonza

Usedlulile emhlabeni owayengumdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uSiphiwe “Dr Mnandi” Mkhonza.

Le ngwazi, ebisineminyaka engu-44, ibisisebenza kwiSABC Sport ihlaziya unobhutshuzwayo.

Uzakhele igama kulo msebenzi ngokuhlaziya kwakhe okunamancoko okuze kwamtholela igama lesidlaliso elithi uDr Mnandi. 

Lokhu bekusukela ekutheni ubehlezi ekhala uma umdlalo ungekho sezingeni, ethi awumndani ushoda ngoshukela, esho abadlali abanomjiko. 

USiphiwe Mkhonza, owake wayibamba nakuMaZulu FC, uke wanyamalala emehlweni abantu eminyakeni edlule, kanti kuvelile ukuthi ubexinwe ukugula.

Nokho uthando lwakhe lwebhola lumenze waphinde wabuyela eSABC lapho ebehlaziya khona unobhutshuzwayo.

USiphiwe Mkhonza uqale ukudlala ibhola elikhokhelayo kwiBloemfontein Celtic kusukela ngo-1999 kuya ku-2001, lapho edlale khona imidlalo engu-60.

Ube esedlulela kwiRia Stars ngo-2001 kuya ku-2002 lapho edlale khona imidlalo engu-30.

Ulandwe yiLamontville Golden Arrows ngo-2002 nokuyilapho efike wagqama khona. Kuleli qembu laKwaZulu-Natal uhlale kwaze kwaba u-2004.

Ubonwe yiKaizer Chiefs afike kuyona ngo-2004 waze wahamba ngo-2007. Udlale imidlalo engu-44 luleli qembu laseNaturena.

Amanye amaqembu aseke wawadlalela yiSuperSport United, yiMaritzburg United neBlack Leopards.

Eqenjini lesizwe lakuleli, iBafana Bafana, udlale imidlalo eyisikhombisa.