EzakamuvaIbhola

Ezingezinhle kwabeChiefs ngoMngqithi ‘abamhalelayo’

Kuyinto engafihliwe ukuthi uManqoba Mngqithi ngomunye wabaqeqeshi abalandeli beKaizer Chiefs abafisa azozama ukukhipha leli qembu otakwini ekulo. 

IChiefs inenkinga njengoba ibheke eminyakeni eyishumi ingayazi lento ebizwa ngendebe kanti uManqoba Mngqithi ubonwa njengomqeqeshi ongafike ayisize. 

UManqoba Mngqithi uzophelelwa yinkontileka kwiMamelodi Sundowns la eyiphini likaRulani Mokwena. 

Yingakho ke abalandeli beChiefs befisa ukuthi uma ephuma eChloorkop, abambe u-N1 aye ayojikela eNaturena. 

Kodwa ke kubukeka sengathi lokho ngeke kwenzeke njengoba imenenja yakhe ithi usajabule kwiSundowns futhi usafuna ukuhlala kuyo.

“Njengamanje siyaxoxisana neMamelodi Sundowns,” kusho uMakaab kwiGagasi FM ngoMsombuluko ebusuku. 

“UManqoba usajabule kuleli qembu – lokho yinto esikade siyisho. Manje sekuncike ekutheni sivumelane neqembu ngokwelula inkontileka yakhe. 

“Kuseva ngokwezingxoxo kodwa ngethemba ukuthi ezinsukwini eziyisikhombisa kuya kwezingu-14 kuzobe sekucacile ngekusasa likaManqoba. 

“Uzimisele impela ukuqhubeka kwiMamelodi Sundowns, usaphatheke kahle kuyo,” kwengeza uMakaab.