OweRoyal AM ucacisa ngomdlalo wabo nePirates ongoLwesine
SIHLE NGUBO
URichard Makhoba, ongesinye sezikhulu zeRoyal AM, uthi iqembu lizobhekana ne-Orlando Pirates ngaphandle kwezihibe emdlalweni weBetway Premiership, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesine ngo-7.30 ebusuku.
Bekunovalo ukuthi leli qembu likaShauwn Mkhize lingase liphinde licele uhlehliswe lo mdlalo ngenxa yezinkinga zemali ezibhekene naleli qembu.
IThwihli Thwahla ayiwudlalanga umdlalo wePremiership odlule lapho ibizobhekana neChippa United, eNelson Mandela Bay Stadium, ngoJanuwari 11.
Akukho okwachazwa yiPremier Soccer League (PSL) kodwa iRoyal AM yakhipha isitatimende lapho yayivuma khona inkinga yemali nokuthi abadlali bayo abazange baholelwe ngoDisemba.
Kuvele ukuthi zonke izinto ezithinta uMkhize bese ziphethwe yiSARS njengoba eyikweleta isizimbulu sezigidi esilinganiselwa ku-R40 million.
Enye yezinkinga ezinkulu ezibhekene neThwihli Thwahla ukungakwazi ukusayinisa abadlali kulandela ukuhlawuliswa yiFifa ngenxa yokungayikhokhi imali kaSamir Nurkovic elinganiselwa ku-R12 million.
Nokho uMakhoba uthe abalandeli abangatatazeli futhi bangadideki ngoba konke kuqonde ngqo.
“Umdlalo wethu ne-Orlando Pirates, ongoLwesine ngomhlaka 23, uzoba khona nakanjani,” kusho uMakhoba ekhuluma nentatheli yeMpempe.
“Abadlali bayaziqeqesha nabaqeqeshi bakhona bonke kula masonto amabili edlule. Sibe nemidlalo yobungani ngeSonto nokuchaza kona ukuthi abadlali bawulungele umdlalo wangoLwesine.
“Sinxusa abalandeli ukuthi bathenge amathikithi eTicketpro nakwezinye izindawo eziwadayisayo, beze enkundleni ngobuningi babo, bazobuka umdlalo. Amathikithi omdlalo abiza u-R100.”
Yize uMakhoba engachazanga izinto eziningi ngesimo seqembu, kodwa kubukeka sengathi bayalwa nezinkinga zemali ababhekene nazo nokufakazelwa ukuthi umdlalo abazowudlala neBucs uzoqhubeka.
Nokho akukho ukuthandabuza ukuthi basazobhekana nolaka lwePSL ngokuhluleka ukuyodlala neChippa emasontweni edlule.
Okwamanje okubalulekile ukuthi abalandeli beZimnyama bazokwazi ukubuka iqembu labo litholana neThwihli Thwahla eMgungundlovu, ngoLwesine ebusuku.