Umdlali welePSL usolwa ngokubaleka kulandela ‘ukubulala ingane’ engozini yemoto
Kukholakala ukuthi umdlali weqembu lePremier Soccer League (PSL) ushayise imoto wabaleka, washiya ingane eneminyaka eyisishiyalolunye ishonile, engozini eyenzeke eTembisa, ngoLwesithathu.
Kuvela ukuthi lo mdlali ushayisane nemoto ebihamba owesimame nezingane zakhe ezimbili ngesikhathi kwenzeka ingozi ku-Andrew Mapheto Road, eTembisa, ekuseni ngoLwesithathu.
Impempe itholile ukuthi umdlali, odle phansi ngemuva kwale nhlekelele, udlalela iSekhukhune United yaseLimpopo. Impempe inalo igama lakhe kodwa iligodlile kuze kube uyazinikela emaphoyiseni avele enkantolo.
Ngokubika kweScrolla ingane ishonele khona lapho, umdlali wathi galo yephuka. Amaphoyisa kuthiwa athole amabhodlela otshwala nezidakamizwa emotweni.
“Sithole amabhodlela amane otshwala, iDon Julio. Sithole okusampuphu esikholwa ukuthi yi-cocaine nensangu emotweni,” kusho uThabiso Makgato okhulumela i-Ekurhuleni Metro Police Department.
“Owesifazane ubehambisa ingane yakhe eyintombazane eneminyaka eyisishiyalolunye esikoleni. Ingane ilimale kakhulu yashonela khona lapho.
“Lo owesifazane nengane yentombazane eneminyaka engu-13 balimele, base bephuthunyiswa eTembisa Tertiary Hospital.”
Kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso, ubudedengu nokushayela budlabha.
Okhulumela amaphoyisa aseTembisa South, ukuqinisekile ukuthi ingozi yenzekile nokuthi ingane eneminyaka eyisishiyalolunye ishonile.
Lo mdlali uwuqalile umdlalo ngesikhathi iSekhukhune ibhekene neRichards Bay FC koweBetway Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesibili ebusuku. Kulo mdlalo iSekhukhune inqobe ngo 2-0.
Yize iSekhukhune idlalela imidlalo yayo yasekhaya ePolokwane kodwa iqembu lonke lihlala eGoli. Ukusuka ePolokwane uya eGoli ushayela, kungamahora amathathu kuphela.