EzakamuvaiDStv Premiership

UMazinyo ubesho ukubaluma abePirates ‘bemcika’

Umdlalo weDStv Premiership obuphakathi kwe-Orlando Pirates neCape Town Spurs e-Orlando Stadium, uphele sekubukwa u-Ernst Middendorp obethuka futhi efisa ukuzifikela kwabebhentshi leqembu lasekhaya. 

Lokhu bekulandela isigameko la unompempe encishe khona iPirates iphenathi. Ibhentshi lisukumile likhalaza.

Kodwa lokhu kumcikile uMiddendorp, wabathuka ebasola ngokufuna ukuwina ngomgunyathi ekubeni bekumele ngabe ujabulela inhlanhla yokuthi unompempe azibambele ezakhe.

Ukuncishwa kwePirates iphenathi kwenze umdlalo waphela zibambene ngo 1-1, kwacazelwana amaphuzu. 

Esekhuluma ngemuva komdlalo, uMiddendorp uthe belibafanele iphuzu futhi namathathu nje abebefanele. 

IPirates ihambe phambili kulo mdlalo ngegoli elihle likaRelebohile Mofokeng. 

Bekungathi uMofokeng umzwile umlandeli weKaizer Chiefs obencoma uWandile Duba qede wahlekisa ngokuthi uMofokeng yena akakalishayi igoli.

Lo mlandeli ubhale kwi-X ukuthi uDuba usawuqale kanye umdlalo, kodwa usenegoli ekubeni uMofokeng useqale engu-14, kodwa dololi inethi. 

Okumangazayo ke wukuthi lamagoli alaba bafanyana abasebancane anokubiili okufanayo – indlela nomzuzu ashaywe ngawo. 

Womabili angene ngomzuzu ka-11, kanti kuwo womabili abadlali bebeqhamuka kwesokudla begudla bengena ngaphakathi base bededela amashodi. 

Umehluko obe khona wukuthi eliDuba likwazile ukuqeda umgqigqo wokunganqobi weChiefs, kanti elikaMofokeng alisizanga kangako. 

IPirates igcine yabelane ngamaphuzu neSpurs njengoba uGadiel Kamagi etholele iSpurs elokulinganisa sekusele ngaphezulu kancane kwemizizi eyishumi umdlalo uphele. 

IPirates iphikelwe iphenathi esobala ngasekupheleni komdlalo. Bese kusesikhathini esengeziwe ngesikhathi isitobha seSpurs sikhahlela uZakhele Lepasa ngaphakathi ebhokisini. 

Emdlalweni olandelayo iPirates izobhekana neKaizer Chiefs eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.