EzakamuvaIbhola

‘Kuyamlungela’ uSinky Mnisi ecaleni lakhe neMarumo

USinky “Twalaza” Mnisi angase aphume nezizumbulu zemali kwiMarumo Gallants ayifake enkantolo ngokumxosha ngendlela engalungile.

Leli qembu laseLimpopo laqasha lesi sikhulu esinamava njengesikhulu esiphezulu ekuqaleni kwesizini. 

Ngokwalo, umbandela wabo kwakuwukuthi uSinky Mnisi abasize libuyele kwiDStv Premiership ngokushesha. 

Libe selimxosha qede lamfaka icala enkantolo lifuna imali engaphezu kwesigidi elithi lamkhokhela yona ukuze ‘akhokhele inyanga’ eyayizolekelela leli qembu.

Naye ube esefaka elakhe icala, ethi leli qembu limxoshe kungafanele ngoba izinto bezisahamba njengokuthembisa kwakhe futhi belimvimba kokunye afisa ukukwenza. 

“Icala lakhe limhambela kahle futhi ngathi uzolinqoba bese ephuma nezigidi njengoba ezolidla nenhlawulo yokungcolisa igama lakhe nje,” kusho umthombo weMpempe.

Lo mthombo uphinde waveza nokuthi kumanje uMnisi ulungisa kahle iMakhulong Stadium ukuze ibe nenkundla yebhola elidlalwa endlini elibizwa nge-Indoor Soccer. 

“Ufuna ukuyinshintsha ingabi inkundla yebhola nje kuphela kodwa ufuna yenze izinto eziningi ezihlukile ukuze ikwazi ukwenza imali.

“Uthi le nkundla ngeyakhe yingakho eseyilungisa nje. Ukuthi eyakhe kanjani, ungangibuzi nami angazi futhi ngeke ngimbuze,” kusho lo mthombo.