EzakamuvaIbhola

UJomo Biyela uthi ‘kubuyelene izithandani’ kwiBay noTruter

PHILI HLONGWANE

Usihlalo weRichards Bay FC, uJomo Biyela, uthi ukuqasha umqeqeshi uBrandon Truter kufana nokubuyelana kwezithandani zakudala.

Usho lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile noRobert Marawa kwiVuma FM, kulandela ukumemezela uTruter njengomqeqeshi omusha weqembu ngoLwesithathu. Lo mqeqeshi, oke wayibamba kwiSekhukhune United, uke waba kwiNatal Rich Boyz ngesizini ka-2018/2019.

UTruter uvale isikhala esivuleke ngemuva kokushiya kukaVusumuzi “Kanu” Vilakazi, kulandela ukungavumelani ngezinto ezithile neqembu.

“Kufana nokubuyelana nesithandwa sakho sakudala esahamba saphinde sabuya nalo (uthando),” kusho uBiyela.

“Iqembu kukhona elizibekele kona ngesizini ezayo, ngakho uTruter unombandela wokuqoqa amaphuzu ayisishiyagalombili njalo emidlalweni emihlanu.”

Lo mbandela iwona kanye oxoshe uKanu kwiNatal Rich Boyz. Lo mqeqeshi osemncane uveze ukuthi ubeseyisayinile inkontileka phambilini kodwa kwaqhamuka eyesibili isishuthekwe lo mbandela.

“Nginenkontileka engayisayina nosihlalo (phambilini), bengingeke ngisayine enye inkontileka,” ucashunwe esho kanje uVilakazi.

UBiyela uphikile ukuthi bebefuna uBenni McCarthy obecija iManchester United wathi bebengeke bakwazi ukukhokhela lo mqeqeshi. Uphinde waphika futhi ukuthi abaxhasi abasha, iPhakwe Gas, banesandla ekuxoshweni kukaVilakazi nokuqashwa komqeqeshi omusha.

Ngesikhathi ekhuluma no-Andile Ncube kwiMetro FM, uBiyela uphikile ukuthi wake wakhuluma noRulani Mokwena oseqeqesha iWydad Athletic Club yaseMorocco, ukuthi azothatha umsebenzi wokuqeqesha iBay. UMokwena wakusho ngomlomo wakhe ukuthi iBay ibimfuna azoyiqeqesha.

Uphikile futhi uBiyela ukuthi kudingeke baxoxe noVilakazi amnike imali abavumelana ngayo ngoba ubesesayine inkontileka entsha. Uthe umnike umholo wakhe wenyanga.

Phambilini uVilakazi uthe: “Sihlale phansi bangibuza ukuthi weneme ngalokhu, ngathi yebo ngijabule ngakho, ngingaphuma kwinkontileka.”

Kuzocaca maduze ukuthi ukuqala phansi uthando kweBay noTruter kuzothela izithelo ezinhle yini, noma zisazophinde zixabane izithandani.