EzakamuvaIbhola

UTim Sukazi ucikekile kubhaliswa umdlali wakhe ngePirates

Sbongs Gumbi

Ucasuke kwancinza amakhwapha usihlalo weTS Galaxy uTim Sukazi ngesikhathi ebona uhla lwabadlali abebebeboshelwe kwiBafana Bafana ngoMgqibelo. 

Bekumele ngabe uyagiya uTim Sukazi kwazise bekunomdlali waleli qembu lakhe oqale umdlalo futhi wagila izimanga uBathusi Aubass. 

Nokho akubanga yizindaba ezinhle kuye ukuthi lo mdlali ubhalwe njengowe-Orlando Pirates kulolu hlu olukhishwe ngaphambi komdlalo. 

“ISafa, iBafana Bafana noma ngabe ubani ke omunye okunguye owenze lo mbhedo, ngithi kuye uzehlise isithunzi, wazenza inhlekisa. 

“Kusukela nini uBathusi Aubass esengumdlali we-Orlando Pirates? Nina kumele nixolise kuwo womabili lamaqembu nesizwe sonkana,” kubhala uTim Sukazi kwi-Intsagram. 

Sicikeka kanjena nje lesi sikhulu kuvele kudume ukuthi uyidayisele iPirates lo mdlali ehambisana nonozinti uMelusi Buthelezi. 

Kuliindeleke bethulwe kwiPirates maduze. Kodwa ke njengoba kusenguJuni nje, lo mdlali usengaphansi kweTS Galaxy.

Isizini iphela ngokusemthethweni ekupheleni kukaJuni. U-Aubaas ushiye abalandeli abaningi bengawuvali umlomo ngebhola alidlale kulo mdlalo. 

IBafana imangazile kwayona ishaya iMorocco ngo 2-1 emdlalweni wokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations (Afcon). 

Umphumela walo mdlalo bewungasasho lutho kwazise womabili amaqembu asevele azibekisele indawo kulo mqhudelwano.

Kodwa ukunqoba kweBafana kuleli qembu elaqeda endaweni yesine eNdebeni yoMhlaba nyakenye yinto enkulu. 

IMorocco beyibophele lona iqembu layo eliqinile, leli eligile izimanga eQatar ngoNovemba nyakenye. 

FUNDA NALA: Usethole ikhaya elisha uPitso Mosimane

Ibe yizwe lokuqala lase-Afrika ukufika esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu kulo mqhudelwano ongomkhulukazi emhlabeni.

Amagoli eBafana kulo mdlalo kube ngelinikwe unozinti wayo iMorocco njengomkhonto ogwaze ekhaya, nelikaZakhele Lepasa.