EzakamuvaiDStv Premiership

OweChippa akasiboni isimanga ngeSundowns

Ukunqoba ngendlela encomekayo kweChippa United ngoLwesithathu kubuyise ukuzethemba ngaphambi komdlalo wabo onzima neMamelodi Sundowns. 

IChippa izoya  eLucas Moripe Stadium ihambela phezulu kulandela ukushaya kwayo iRichards Bay ngo 3-0. 

Umqeqeshi weChippa, uThabo September uthe sekuyakhanya phambili ngemuva kokunqoba okokuqala kusukela bethathe umsebenzi wokucija leli qembu benoKwanele Kopo. 

IChilli Boys isizobhekisa amabombo ePitoli ukuyobhekana neMamelodi Sundowns umdlalo ebe nekhefunyana njengoba umdlalo waphakathi nesonto neTS Galaxy uhlehlisiwe. 

USeptember uthe uyazi akekho olindele ukuthi iqembu lakhe libuye nokuthile kwiSundowns.

Uthi lokhu kwenza bafune ukuzibonakalisa ngeqembu elingakahlulwa emidlalweni engu-40 yeDStv Premiership (kusukela ngesizini edlule).

“Uyayazi iSundowns, isidlale imidlalo eminingi. Noma bengadlalanga ngoLwesithathu, siyazi ukuthi badlala kanjani,” kusho uSeptember etshela iSowetan.

“Bayimbangi enzima. Baligcina kahle ibhola. Kodwa kithi, kuwukujabulela lesi sikhathi. “Ngicabanga ukuthi ukudlala neSundowns, engompetha e-Afrika (African Football League) akusona isivivinyo esikhulu kithina.

“Akulindelwe lutho kithi. Thina okwethu wukuthi singene enkundleni sijabulele ithuba lokuziveza. 

“Ukuqeqesha iqembu elizodlala neSundowns yinto ejabulisayo,” kuchaza lo mqeqeshi osemncane.

“Vele kubhekwe iSundowns. Iyiqembu elihamba phambili kuleli futhi mhlawumbe nase-Afrika yonkana.”

USeptember wengeze ngokuthi baya kulo mdlalo benokuzethemba okukhulu ngemuva kokushaya iRichards Bay ngoLwesithathu eSisa Dukashe Stadium.

“Ukunqoba kube kuhle kithina ikakhulukazi sibhekene neRichards Bay okuyiqembu elisondelene nathi. Kusisizile ukwenyusa ukuzethemba.” 

Uma kungenzeka bayikhube iSundowns ngandlela thile, uSeptember noKopo kungabe bazifake emabhukwini omlando.

Phela sekubhewe ukuthi yimuphi umqeqeshi oyoqeda lokhu kuzihubuluzela isobho kweSundowns.