EzakamuvaIbhola

UNdah waqabuka efika kuleli ukuthi kukhona iSundowns

Umdlali wasemuva we-Orlando Pirates, u-Olisah Ndah, uthi yena wayengayazi nhlobo iMamelodi Sundowns. 

“Mina nje ngangingayazi iSundowns phambilini. Ngize ngayazi kwiChampions League ngoba bebenza kahle lapho,” kusho u-Olisah Ndah kwiRadio 2000. 

“Kwakuhlale kuyiKaizer Chiefs nePirates esasibazi (eNigeria), nayo (iPirates) ngenxa kaWilliam Okpara.” 

Kuhlale kunokuphikisana kubalandeli bebhola eNingizimu Afrika ukuthi yiliphi iqembu elikhulu. 

Labo abangayilandeli iSundowns bathi yiqembu elinemali nje (ngenxa kaPatrice Motsepe) kodwa ayisondeli kwiChiefs nePirates. 

Baze bayigcone ngokuthi inabalandeli abangu-57. Nokho abeSundowns baqhosha ngokuthi badedela isibhaxu futhi bawola izindebe. 

UNdah ubuye washaya ezegundwane, ephephetha ngokuncoma iSundowns ngokulakha ngobuchule iqembu layo. 

“Ngicabanga ukuthi esikwaziyo ngabo ukuthi balakha iqembu, manje bavuna izithelo zalokho,” kuqhuba u-Olisah Ndah. 

“Yinto ethatha isikhathi nokukholelwa kulokho okwenzayo. Nathi uma sikholwa wukuthi singayiwina iligi, singakwenza lokho.” 

IPirates izobhekana neChiefs emdlalweni weDStv Premiership, eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. 

“Isimo namalungiselelo omdlalo womkhaya sihlukile kuneseminye imidlalo. Kuyefana nakwiSundowns.

“Ngikubheke ngabomvu ukudlala owomkhaya. Ngajabula ukuthi sawina emdlalweni odlule ngoba babekhuluma kakhulu kunathi.” 

Egcina ukuhlangana la maqembu kuwine iPirates ngo 1-0, kanti igoli lashaywa ngu-Evidence Makgopa.