EzakamuvaIbhola

OweBanyana uthi isisheli asimlande eMexico

Umlandeli obezibika kumdlali weBanyana Bafana, uthukile lesi sihlabani sesimphendula samukela isicelo sakhe sokusishada. 

Lo mlandeli, uRay Donovan, ozibiza ngo @Criss_Official7 kwi-X, ebiyaziwa ngeTwitter, ubhale kule nkundla yezokuxhumana eveza isifiso sakhe sokushada le ntokazi. 

“WeJermaine Seoposenwe, ngizokubheka. Ngizokuthola bese ngiyakushada,” ubhale kanje uDonovan. 

Bangenile ke oSdumangabanye bafaka unwayo lwemfene bezama ukumlahlisa ithemba.

Kukhona abebemtshela ukuthi akasuke lapho ngoba udlalela esidlozini, uzozisola le ntokazi seyijola nosisi bakhe. 

Phela kudume ukuthi abadlali bebhola besifazane bathandana nababobilili obufanayo nabo. 

Omunye uze wathi yena kwamenza, kwathi intombi yakhe eyayidlala ibhola yagcina seyihubha osisi bakhe egcekeni. 

Nokho lo mdlali weBanyana, uJermaine Seoposenwe uziphendulelile, watshela le nsizwa ukuthi ayizomlanda eMexico uma izimisele ngampela ngaye. 

“NgiseMexico webhuti wami, sengibe lapha izinyangana eziningana impela,” kubhala uSeoposenwe. 

Abanye babe sehleka ukuthi isesheli lesi sibizwa ngobhuti ekubeni sona sibheke ukuba umkhwenyana. 

Ephendula omunye woSdumangabanye, uSeoposenwe ukhale ngokuthi isesheli lesi asisafuni nokuthi bake bazidelise ngomjolo kuqala, siqonda ngqo ekushadeni. 

Kungene nomlandeli odumile webhola kuleli, uJoyce “MamaJoy” Chauke esebiza lesi sihlabani seBanyana ngomakoti.