EzakamuvaiDStv Premiership

I-Bay yethule ngokusemthethweni ochithwe yiChiefs

SIHLE NGUBO

IRichards Bay FC yethule ngokusemthethweni uSiyethemba Sithebe osanda kudedelwa yiKaizer Chiefs emasontweni edlule.


USithebe ubekubadlali abathathu abaziswe ukuthi kuphelile obekubahlanganise neChiefs njengoba izinkontileka zabo beziphela ekupheleni kukaJuni. Abanye uKeagan Dolly noSifiso Hlanti.


“Ngidlulise ukubonga kwiKhosi Nation. Ithuba engilitholile hhayi isandla sedlula ikhanda. Nginifisela isizini enhle…uthando noxolo,” kubhala lo mdlalo kwi-X ngemuva kokushiya iChiefs.

USithebe ufike kwiChiefs ethembisa kodwa izinto zangahamba kahle. Ubeshaya into ecokeme kuMaZulu FC nokwenze ukuthi iChiefs imhlwithe ngaphambi kokusayina inkontileka entsha.

KuSuthu uhambe kungasekuhle njengoba umengameli walo, uSandile Zungu, enqume ukuthi angabe esadlaliswa ezinyangeni ebezisele ngaphambi kokujoyina Amakhosi.

Ukulimala ngesizini edlule kwenze lo mdlali wangalithola ithuba lokudlala kwaze kwaba ngasekupheleni kwayo. Emidlalweni ayidlalele sekuzosongwa isizini ubukeke ezimisele kodwa inkontileka yakhe yagcina ingavuselelwanga.

Omunye umdlali owethulwe yuNatal Rich Boyz uThabiso Kutumela osanda kudedelwa yiMamelodi Sundowns.