EzakamuvaiDStv Premiership

UNcikazi uveza okuzosiza iPirates ishaye iChiefs

Iphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi uyavuma ukuthi umdlalo womkhaya baseSoweto uhlukile kweminye imidlalo okwenza ukuwulungiselela kube nzinyana. 

IPirates izobe ingosokhaya eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama uma seyibhekene neKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiership. 

“Umdlalo ohlukile la indawo okuyo kwilogi, ifomu nokwenzeke emidlalweni edlule kungasho lutho,” kusho uNcikazi. 

“Okubalulekile wukulungiselela iqembu, ukuligqugquzela bese lisebenzisa amacebo ngokufanele. 

“Uma ngikhuluma ngengikubonile sizilungiselela, nginethemba elikhulu lokuthi iqembu lethu lizokwazi ukuqoqa amaphuzu amathathu kulo mdlalo.”

Uthi okwenza umsebenzi wabo njengabaqeqeshi ube nzinyana kulo mdlalo wukuqinisekisa ukuthi abadlali abathathwa yisasasa lalo mdlalo.  

“Kuba wumsebenzi wethimba labaqeqesh ukukhombisa abadlali isimo esiyiqiniso – ukuthi kumele badlale lo mdlalo benganaki umsindo ohambisana nawo. 

“Ngibone sengathi iqembu lethu liwulungele kahle lo mdlalo,” kuchaza uNcikazi. 

IPirates iwabeke kuTshegofatso Mabasa amathemba amagoli kulo mdlalo futhi kubuye noMonnapule Saleng ozowuqala lo mdlalo.