EzakamuvaEzokusubatha

ULyles wase-USA ukhale nge-Covid begilwa igoda owaseBotswana

SIHLE NGUBO

Umpetha we-100m, uNoah Lyles wase-USA, ukhale ngokuthi ubanjwe yiCovid ngemuva kokwehluleka ukunqoba i-200m, kowamanqamu eParis, eFrance, ngoLwesine.

Lo mgijimi, ohlale engqasha sengathi yizenze ngaphambi kokugijima, uphume endaweni yesithathu wathola indondo yethusi. Ubengene etshakadula njengenkonyane ngesikhathi kwethulwa abadlali abebezogijima i-200m.

Indondo yegolide igcine ize e-Afrika njengoba kunqobe uLetsile Tebogo, waseBotswana, nokuyinto ebingalindelwe abaningi. UTebogo ube ngumgijimi wokuqala wesilisa wase-Afrika ukunqoba igolide kuma-Olympic, egijima kwi-200m.

Ngemuva kokwehluleka ukulingisa u-Usain Bolt, ngokunqoba i-100m ne-200m kuma-Olympic, uLyles uzithethelele ngokuthi ubengekho esimeni esikahle sempilo.

“Ngempela nginayo iCovid. Kutholakale ukuthi ikhona kimina ngoLwesibili ngo-5 ekuseni,” kusho uLyles kwiBBC.

“Ngivuke phakathi nobusuku ngizizwa ngigodola, kubuhlungu umzimba, kubuhlungu nomphimbo. Nakanjani ingiphazamisile endleleni engenza ngayo. Bekulokhu kudingeka ukuthi ngihlabe ikhefu izikhawu eziningi.

“Bengikhwehlela ubusuku bonke. Ngiyaziqhenya ngokuthi ngikwazile ukungena laphaya ngabuya nendondo yethusi.”

Umbuzo omkhulu owokuthi ngabe le Covud ephethe uLyles ayiyona yini ingozi kwabanye abagijimi njengoba evunyelwe ukugijima sekwaziwa ukuthi imbambile. Lo mgijimi uphume enkundleni eseqhutshwa ngesihlalo esinamasonto.