UPercy Tau ‘unqatshelwe’ efuna ukuza kwiBafana
UHugo Broos uthi ushiye uPercy Tau ngaphandle eqenjini leBafana Bafana elizodlala imidlalo yobungani ngasekupheleni kwenyanga ngooba emvikela.
Lo mgadli we-Al Ahly ugxekwe kakhulu ngesikhathi iBafana idlala kwi-Africa Cup of Nations kanti uBroos ukholwa wukuthi akekho esimweni esifanele.
UTau wageja iphenathi emdlalweni wokuvula bedlala neMali kwathi ngesikhathi beshaya iNamibia emdlalweni olandelayo weBafana, wahlulwa amathuba alula.
Ngemuva kwalokho uphenduke isisulu sabalandeli ezinkundleni zokuxhumana.
IBafana izodlala ne-Andorra ngoMashi 21, ne-Algeria ngoMashi 26, yomibili imidlalo izoba seNelson Mandela Stadium e-Algiera.
UTau uke wagxekwa ngemuva kwe-Afcon e-Ivory Coast nakuba iBafana idlule kwabekulindelekile iqeda isithathu kulo mqhudelwano.
“Ekupheleni kwe-Afcon uPercy wayephazamisekile ngokomqondo,” kusho uBroos, ngesikhathi ememezela isikwati sabadlali abangu-23 eGoli ngoMsombuluko.
“Kodwa-ke, siyazi ukuthi izinkundla zokuxhumana zingambulala umdlali ngokomqondo.
“Ngakhulumila naye wathi akunankinga kodwa ngangazi ukuthi kuyezwela kuye.
“Ngamfonela ngemuva kwesonto saxoxa ngamtshela ukuthi ngeke ngimbize kule khempu ezayo.
“Wathi ufuna ukuza kodwa ngathi ‘ungafiki, hlala lapho, kuze kudlule yonke lento’.
“Uma efika bese eba nomdlalo omubi, kuzophinde kuqale phansi, yingakho uPercy engekho.
“Sekwanele ngemuva kwe-Afcon, uzobe esekulungele ngoJuni (imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba) futhi sizobona uPercy Tau omusha.”
UPercy Tau ungomunye wabadlali abayishumi esikwatini seBafana se-Afcon abangeke bedlale kule midlalo yobungani, ngenxa yezizathu ezahlukene.
Ngesikhathi uTau ephunyuzwa, abadlali abafana noMothobi Mvala, Khuliso Mudau no-Evidence Makgopa balimele.
Unozinti waMaZulu, uVeli Mothwa nomdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uThabang Monare, bona abakadlali emaqenjini abo kusukela bebuye kwi-Afcon.
UBroos uphinde wathi ufuna ukuletha abadlali abasebancane kule midlalo yobungani ukuze abahlole kahle beseduze kwakhe.
Kubadlali abanikwe ithuba okokuqala kukhona uMondli Mbanjwa waMaZulu, uPatrick Maswanganyi wePirates no-Elias Mokwena kaSekhukhune United.
FUNDA NALA: Sekuyisiqalo sokuphela kwesikhathi sikaJordaan kwiSafa lesi
Ukulimala kukaMakgopa kuvulele uBroos ithuba lokubiza umgadli weCape Town City, uKhanyisa Mayo, yize ebengekho eqenjini lesikhashana elibizwe nguBroos ngesonto eledlule.

