EzakamuvaIbhola

UHugo Broos ubuyise uMayo, ucacisa ngokucishe ashiye 

Ukuthola izesheli nokungasebenzisa kahle nePSL kuleli ngenye yezinto ezicishe zamenza wesula esikhundleni sakhe uHugo Broos ocija iBafana Bafana. 

Lokhu kuvezwe uHugo Broos oneminyaka engu-71 ngoMsombuluko ngesikhathi ememezela iqembu azoyodlala ngalo imidlalo yokuzizwa amandla e-Algeria.

IBafana izobhekana ne-Andorra ne-Algeria ngasekupheleni kwale nyanga.

Okuqaphelekile wukuthi uKhanyisa Mayo ubuyelile kuleli qembu, ethatha indawo ka-Evidence Makgopa we-Orlando Pirates olimele. 

Nozakwabo kaMakgopa, uZakhele Lepasa usale ngaphandle ngesizathu esifanayo njengoba ethinteke ejimini yeBucs. 

No-Iqraam Rayners weStellenbosch FC ungenile kuleli qembu eliya e-Algeria.

Ekhuluma nabeSABC Sport, uHugo Broos uthe unethemba lokulungisa ubudlelwano bakhe nePSL.

“Kube namahlebezi amaningi ngemuva kwe-Afcon, maningi amazwe abenentshisekelo futhi mhlawumbe namanje asangifuna,” usho kanje uHugo Broos.

“Kodwa ngaphinde ngatshela umengameli (weSafa, uDanny Jordaan) ukuthi ngizohlala eNingizimu Afrika… 

“Angiboni ngishintsha ngiyoqala phansi ngakhe kabusha kwenye indawo. 

“Senginento ebambekayo lapha, ngiyakwazi enginakho lapha. Ngithanda ukuhlala lapha.

“Kungani kufanele ngiye koqala phansi? Ngithanda yonke into ngaphandle kwezinto ezithile, kodwa ngeke vele kuphelele konke.”

Uthe usezinhlelweni zokuhlala phansi nosihlalo wePSL u-Irvin Khoza ukuze baxoxisane, bexazulule ukungaboni ngasolinye okukhona. 

“Kukhona izinto ebezingixaka ngempela lapha. Okokuqala nje umndeni wami, bengihlala izinyanga ezimbili ngingekho futhi bese kusinda lokho. 

“Ngakho lokho bekufanele kushintshe futhi kuzoshintsha. Ngibe nomhlangano nomengameli uJordaan sakhuluma ngayo wakuqonda. 

“Wathi ‘kulungile, akunankinga, uma ufuna ukuya ekhaya uyobona abakini, hamba uyothatha indiza’.

“Kodwa kukhona nobudlelwano obubi nePSL. Nakhona-ke uma konke kuhamba kahle ngizohlangana nosihlalo wePSL uKhoza ngikhulume naye.

“Ngiyakwazi ukuveza imibono yami ngezinto ezithile futhi ngiyethemba ukuthi uzongiqonda.”

Ulihlele kanje selilonke iqembu lakhe azoya nalo e-Algeria uBroos:

  • Onozinti: Ronwen Williams (Mamelodi Sundowns), Bruce Bvuma (Kaizer Chiefs), Ricardo Goss (SuperSport United)
  • Izitobha: Thapelo Morena, Aubrey Modiba, Grant Kekana (all Sundowns), Sydney Mobbie (Sekhukhune United), Nkosinathi Sibisi, Tapelo Xoki (both Orlando Pirates), Siyabonga Ngezana (FCSB, Romania)
  • Abasesiswini: Teboho Mokoena (Sundowns), Goodman Mosele (Chippa United), Sphephelo Sithole (CD Tondela, Portugal), Grant Margeman (SuperSport)
  • Abaphambili: Themba Zwane (Sundowns), Patrick Maswanganyi (Pirates), Khanyiso Mayo (Cape Town City), Oswin Appollis (Polokwane City), Mihlali Mayambela (Aris Limassol, Cyprus), Mlondi Mbanjwa (AmaZulu), Iqraam Rayners (Stellenbosch), Elias Mokwana (Sekhukhune United)