EzakamuvaIbhola

UMofokeng ungenile kweleBafana elizobhekana neNigeria

Angase adlale okokuqala eqenjini lesizwe elikhulu, iBafana Bafana umdlali we-Orlando Pirates, uRelebogile Mofokeng. 

Lo mdlali oneminyaka engu-19 ungenile eqenjini likaHugo Broos azoyodlala ngalo imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

IBafana izobhekana neNigeria ekuhambeni ngoJuni 7, bese iphinde ibhekane neZimbabwe ngoJuni 11. 

UMofokeng ube ngomunye wabadlali abavelelile kwiDStv Premiership kule sizini futhi ukuqokwa kwakhe kwiBafana bekumfanele. 

Omunye ongenile kuleli qembu nguzakwabo wakwiPirates uPatrick Maswanganyi owachaza uBroos kwikhempu edlule yeBafana. 

Kubuye noLyle Foster onyamanambana kubalandeli bakuleli kulandela ukunqaba kwakhe ukuza kwiBafana ngesikhathi idlala kwi-Africa Cup of Nations ngoJanuwari. 

Omunye obuyelile kuleli qembu nguSiyabonga Ngezana onqobe iligi kwisizini yakhe yokuqala eRomania la edlala khona kwiFCSB. 

Lesi sitobha sijoyine leli qembu sisuka kwiKaizer Chiefs ngoJuni wanyakenye kanti sesikhule ngendlela emangazayo. 

Selilonke leli qembu lime kanje

Onozinti: Veli Mothwa, Ronwen Williams noRicardo Goss

Emuva: Nkosinathi Sibisi, Mothobi Mvala, Siyabonga Ngezana, Khuliso Mudau, Thapelo Morena, Aubrey Modiba, Grant Kekana noSydney Mobie

Esiswini: Siphephelo Sithole, Teboho Mokoena, Jayden Adams noBathusi Aubass

Phambili: Lyle Foster, Percy Tau, Relebohile Mofokeng, Patrick Maswanganyi, Elias Mokwana, Oswin Appolis, Iqraam Rayners noThemba Zwane.