Ingcabha isisele kubadlali kwiChiefs, kusho uNomvete
ALFRED NGUBANE
USiyabonga “Bhele” Nomvete ukholwa wukuthi abadlali beKaizer Chiefs abawenzi umsebenzi abaqashelwe wona.
Le nkakha eyazakhela igama kuleli qembu laseNaturena iyikhomba kubo uqobo abadlali inkinga njengoba iChiefs ibamba iyeka nje.
“Kumele baphakamise amasokisi kunakuqala,” kusho uNomvete ngesikhathi kuqedelwa imidlalo yakhe yezikole, iSiyabonga Nomvete Schools Cup ngoLwesihlanu.
“Okubi wukuthi uma ngabe leli qembu lingenzi kahle enkundleni abantu babuka kabi umqeqeshi, bakhohlwe abadlali okuyibo abadlalayo.
“Kumele umdlali ngamunye ayisukumele lento, alwele ukusiza iqembu ngokwakhe uma ebona ukuthi okomqeqeshi akuhlangani noma akwenzeki.”
Uthi lokhu kunganqobi izindebe isikhathi eside kweChiefs kuyenza isilele emuva kozakwabo okuyi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.
“IKaizer Chiefs isalele emuva kakhulu kunalamaqembu amabili… IMamelodi Sundowns yona iyazenzela nje kwiDStv Premiership.
“I-Orlando Pirates yona ibambelele ekunqobeni izindebe njengoba ngesizini edlule inqobe iMTN8 neNedbank Cup njengoba isiyivikele ngempumelelo nje iMTN8.
“odwa iKaizer Chiefs ayisasazi nangephunga nje isicoco. Indlala ibhokile kuyona… Ikhabethe lezindebe alisavulwa.”
IChiefs yaduma kakhulu ngokuqoqa kwasani yezindebe ngeminyaka yama-70s, 80s, 90s futhi iyona enezindebe eziningi.
FUNDA NALA: IBafana imphoxile, yamembula izinqe uBroos
Kodwa lesi sizukulwane sabadlali esikhona njengamanje siyahluleka ukunqoba izindebe nokugcina umlando weChiefs umuhle, kusho uNomvete.