EzakamuvaIbhola

IPirates ezinhlelweni zokubolekisa ngomdlali ngoJanuwari

Seziqalile izinhlelo zokufunela omunye wabagadli be-Orlando Pirates iqembu azodlala kulo ukuze uma kuvulwa iwindi lokusayina abadlali ngoJanuwari athuthe. 

Ngokuthola kweMpempe, kunabagadli ababili asebefana nenhlanzi eshelwe ngamanzi kuleli qembu laseSoweto futhi okucacayo ukuthi basekude ukudlala. 

UBienvenu Eva Nga noSouaibou Marou sebenesikhathi beligcinile ijezi kwiPirates kanti kungenzeka nesikhathi sabo kuleli qembu sesiphelile. 

“U-Eva Nga yena kuyabheda impela. Isimo sabo senziwe sibi kakhulu wukusheshe baphume kwiChampions League,” kusho umthombo. 

IPirates isheshe yaliwasha ijezi kulo mqhudelwano kanti kuvela ukuthi laba bagadli abadle ngokushiya idage bebezodlala kakhulu kuyo. 

“Kungenzeka u-Eva Nga akhululwe ngoJanuwari ukuthi azibonele ubhekaphi. Kodwa uMarou yena basenethemba ngaye ikakhulukazi ngoba usemncane ngeminyaka. 

“Ubonakala esangabuya azoba wusizo eqenjini ikakhulukazi uma esenamava okudlala kwiDStv Premiership,” kuchaza lo mthombo. 

Uthe iPirates ixoxisana namaqembu ambalwa okubalwa kuwo iChippa United neCape Town Spurs ngokubolekisa kuwo uMarou. 

Bobabili laba bagadli ngabokudabuka eCameroon. UMarou uneminyaka engu-22 njengamanje kanti uNga yena usena-30. 

Nokho kusangenzeka baphinde balinikwe ithuba ngaphambi kokushaya kukaJanuwari njngoba amagoli emfimfa nje kwiPirates. 

FUNDA NALA: Ayibuye Siyamthanda! Ayibuye MaBhokobhoko!

Emidlalweni emihlanu edlule, iPirates isashaye amagoli amane kuphela okuyinto ethusayo uma ubheka ukuthi ibiyibhakuzisa kalula kanjani inethi ngasekuqaleni kwesizini.