EzakamuvaIbhola

Ukuphahluka kukaGymah kumqhathe nabaphathi kwiSekhukhune

Ikusasa lomdlali wasemuva waseGhana u-Edwin Gyimah kwiSekhukhune United lilengela eweni kulandela ukuphahluka kubaphathi ngokungenami kwakhe.

Ugcine ukudlala kwiSekhukhune ngoNovemba 12 nyakenye ngesikhathi behlula iSuperSport United ngo 2-1. 

Lo mdlali waseGhana akaphindanga wabonakala kusukela lapho.

Ngokombiko weFAR Post, ukuhamba kukaGyimah kusuke esigamekweni esenzeke ngesikhathi kunomhlangano wokwethula umdlali omusha, uKatlego Mohamme, odlala endaweni efanayo neyakhe.

Lo mdlali oyinxele odlala emuva ujoyine iBabina Noko ngoJanuwari ngokubolekwa esuka kwiMamelodi Sundowns.

UGyimah kuthiwa usebenzise leli thuba ukuveza intukuthelo yakhe ezwakalisa umuzwa wokubukelwa phansi yiqembu phezu kwamagalelo akhe. 

Kuvela ukuthi usole abaphathi ngokuhluleka ukwazisa imizamo yakhe.

“Kunosiko lapha lapho samukela abadlali abasha ngokuthula izinkulumo,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Ngesikhathi sokwamukela uMohamme, uGyimah ubenokuningi afuna ukukusho kubaphathi. 

“Wonke umuntu ubebona sengathi usebenzisa inkundla okungeyona ukudlulisa izikhalo zakhe,” kusho umthombo.

ISekhukhune United iphendule ngokubiza uGyimah ukuze ixoxisane naye mayelana nezikhalo zakhe. 

Umphumela uholele esivumelwaneni sokuthi iqembu likhokhele uGyimah iholo kuze kube inkontileka yakhe iyaphela ekupheleni kukaJuni.

Nokho uGyimah akasazilolongi neqembu, okusho ukuthi isikhathi sakhe kwiSekhukhune United sesiphelile. 

Ethintwa ukuze aphawule uGyimah uthe yiqembu okumele likhulume ngodaba lwakhe.

Ugcizelele ukuthi akagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba ngaphandle kwemvume yeqembu.

UMohamme, 25, usedlale kane kwiBabina Noko ngaphansi komqeqeshi uLehlohonolo Seema. 

Emibili imidlalo yakhe uyidlale kwiDStv Premiership, kanti eminye bekukwiCaf Confederation Cup. 

Ngakolunye uhlangothi, uGyimah, ohlanganise iminyaka engu-32 ngesonto elidlule, udlale imidlalo engu-11 kuleli qembu kule sizini.