OweDowns ukhononde ngokugeja ezakhe zibambana neGallants
SIHLE NGUBO
Ukhononde ngokuchithwa kwesikhathi yizimbangi umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, ngemuva kokuthi bebambane neMarumo Gallants ngo 1-1, emdlalweni weBetway Premiership, eDr Petrus Molemela Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
Kulo mdlalo iSundowns ibingabuyela esicongweni uma inqoba kodwa iGallants yangakuvumela lokho.
EzikaCardoso bese zidlala umdlalo wesikhombisa weligi okuzenza zibe phambili kunamanye amaqembu ngokwemidlalo eseziyidlalile.
“ISundowns ilwele ukuthola umphumela kwaze kwaba sekugcineni,” kusho uCardoso kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Bukuchithwa kakhulu isikhathi. Kodwa uma ungawashayi amagoli awuwunqobi umdlalo.
“Nokho ngicabanga ukuthi abafana bazame ngakho konke kwaze kwaba sekugcineni.”
Igoli lompetha beligi lishaywe u-Iqraam Rayners ngomzuzu ka-28, ithole iphasi enhle ebivela kuMarcelo Allende.
IGallants ayizange izibeke phansi, yalokhu izama ukumelana nengcindezi ebiza neSundowns.
Lokhu kuthele izithelo ezinhle ngesikhathi ibhola lithola uPhillip Ndlondlo ebhokisini, wakhahlela lashayisa kuCupido lakhala phakathi, kwaba umkhonto ogwaza ekhaya ngomzuzu ka-35.
UNdlondlo ubedlala umdlalo wakhe wokuqala kwiGallants selokhu ebuyele kuleli qembu evela kwi-Orlando Pirates.
Lo mdlali ongedlile ngokuba mude uyena oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.
Ukudlala ngokulingana kweSundowns kusho ukuthi seyilahle amaphuzu ayisithupha emidlalweni yeBetway Premiership selokhu kuqale isizini.
Ivule isizini ngokubambana neChippa United ngo 1-1, kanti iphinde yadlala ngokulingana ngo 0-0 neKaizer Chiefs.
Lokhu kuchaza ukuthi iSekhukhune United izoqhubeka nokuhlala esicongweni njengoba ishaye iChiefs ngo 3-1 ngoLwesibili ebusuku.

