UBroos uveza okwenza angamzwisisi uKhanyisa Mayo
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ulokhu ekuveza ukungeneliseki ngomgadli weCape Town City, uKhanyisa Mayo.
Lo mqeqeshi ugcine emfakile esikwatini sakhe uKhanyisa Mayo kodwa ushaya amakhala ngendlela azinikela ngayo nadlala ngayo.
Bekulokhu kukhalwa ngokuthi lo mqeqeshi uziba uMayo waze wagcina emfakile esikwatini sakhe sakamuva.
FUNDA NALA: UMokwena ubhoboke ngesifiso sokuba yiphi likaMazinyo
“Lokhu akwenzayo (uMayo) akwenele,” kusho uHugo Broos.
“Ungalilinda ibhola uze ushaye igoli kodwa akukhona esikufunayo lokho.
“Engakwenza lokho uLionel Messi hhayi uMayo, ngiyaxolisa.
“Kumele azikhombise aphinde abe semdlalweni. Uma ungalithinti ibhola ezingeni lomhlaba, lokho kusho ukuthi sidlala ngabadlali abayishumi.”
UHugo Broos uncama u-Evidence Makgopa we-Orlando Pirates kunoKhanyisa Mayo ohamba phambili ngamagoli emidlalweni yeDStv Premiership.
“Ngiye ngibone ukuthi ngezinye izikhathi uMayo akekho emdlalweni,” kuqhuba uBroos.
“Uyambheka kodwa awumboni, ukhona nje kodwa akenzi lutho.
“Awukwazi ukwenza kanjalo njengomgadli kuleli zinga esidlala kulona.
“Mhlawumbe yinkinga ephathelene nomqondo kuyena ukuba nento efuna ukuthi ‘ngifuna ukukhombisa ukuthi ngingakwazi ukwenza lokhu’.”
Ukukhuluma kanje ngalo mdlali kukaHugo Broos kwenza kube nokungabaza ukuthi uyoke amnike ithuba emidlalweni ezayo yeBafana.
IBafana izozwana amandla ne-Andorra ne-Algeria emidlalweni ezodlalelwa e-Algeria ngasekupheleni kukaMashi.