Akakabi khona ozovala esikaThemba Zwane – Mokwena
Abantu baseNingizimu Afrika kungase kudingeke balinde iminyakanyaka impela ngaphambi kokubona omunye umdlali osezingeni likakaputeni weMamelodi Sundowns, uThemba Zwane.
Lokhu kushiwo umqeqeshi wakhe uRulani Mokwena, ebuzwa ukuthi banalo yini uhlelo lokuvala isikhala salo makadebona wasesiswini ozohlanganisa iminyaka engu-35 ngo-Agasti nonyaka.
Lo mbuzo bewulandela izinkulumompikiswano eziqalwe umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ngesikhathi ehlonza umdlalo ambona ezovala isikhala sikaZwane.
FUNDA NALA: Ujabulele ukubuka indodana yakhe bukhoma unina kaKhama
Lokhu uBroos ukusho ngesikhathi ememezela iqembu lakhe elizobhekana ne-Andorra ne-Algeria emidlalweni yobungani ngasekupheleni kwale nyanga.
Lo mqeqeshi odabuka eBelgium uhlonze umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uPatrick Maswanganyi, ngokuthi angase avale isikhala sikaThemba Zwane ngokuhamba kwesikhathi.
Kodwa uMokwena uthi lutho, akakabi bikho okwamanje ozovala isikhala sikaZwane.
“Asikwazi ukuvala isikhala sakhe,” kusho uMokwena ngemuva komdlalo wezakhe neSuperSport United ngoLwesibili.
“Omunye wezingwazi ebholeni laseNingizimu Afrika noyilungu lomndeni wami (uJomo Sono) uhlale ethi kimina, ‘iphutha lakho elikhulu wukubeka uThemba Zwane ebhentshini’.”
UMokwena uthi uJomo, onguyise omnane wakhe, uvamisile ukumthethisa uma engamsebenzisanga uZwane.
“Njalo uma iSundowns ingadlali kahle, ngithola lowo myalezo uvela kuye.
“Lapha sikuluma ngekhakha evumbulule abadlali bebhola abahamba phambili emlandweni wezwe.
“Uhlale engitshela ukuthi ngeke ukwazi ukuvala isikhala sikaThemba Zwane ngoba unekhono futhi ungumuntu olungile.”
UMokwena ukholelwa ukuthi ukuzidela kukaZwane yikhona okumbeka kude nabanye abadlali.
“Ubonile ngesikhathi simkhipha emdlalweni odlule, akakhali. Leyo nto uyithola kwesinye isikhathi kubadlali abasezingeni elithile.
“Kodwa uThemba Zwane uphuma enkundleni egijima. Akahuduli izinyawo futhi lokho kimina vele kuyinkomba yokuthi usezingeni eliphezulu kangakanani.
“Ngize ngibone ukuthi kwayena uqono ububukela phansi ubukhulu bakhe.
“Akazi ngempela ukuthi muhle kangakanani futhi ngalolu hlobo lwabadlali kuzothatha eminye iminyaka engu-10 noma engu-15 ukuthi sibe naye.
“Ngakho-ke ngeke ngize ngizame ukumshintsha ngoba akwenzeki.”
UMokwena uzophinde alingeke ukuthi aphumuze ukaputeni ozobakhuthaza emdlalweni ozayo weNedbank Cup Last 16 neMaritzburg United ngeSonto.

