Ezakamuva

U-Ace Ncobo usolwa ngokuba ‘Spot On’ ku-R15 million ngokungemthetho

Imenenja jikelele yePremier Soccer League (PSL) u-Ace Ncobo, nomkakhe uSalomie, bavele kafushane enkantolo iBellville Magistrates Court, eKapa, ngezinsolo zokukhwabanisa izigidi zamarandi.

Kusolakala ukuthi uNcobo (57) nonkosikazi wakhe uSalomie (47) benze ubuqophololo ukuze bathole imali kwiPetroleum Oil and Gas Corporation of South Africa SOC Limited (PetroSA) bezenzela bona, amalungu omndeni nabanye abantu abaxhumene nabo. 

UNcobo, owayengunompempe ohlanishwayo, nomkakhe, kukholakala ukuthi basebenzisa amaphepha angekho emthethweni ngesikhathi befaka isicelo semali.

IPetroSA ‘yaqolwa’ ukuze ifake u-R13 million ebhange kwi-account engaphansi kweGangatha Projects, okuthiwa ayibhalisiwe kanti ingaphansi kukaNcobo.

UNcobo, oke waba yiPSL Referee of the Season amahlandla amane, uphume ngebheyili ka-R50 000, kwathi umkakhe wathola eka-R30 000 njengoba kusaqhubeka uphenyo.

UNcobo ujwayele ukubonakala kwiSuperSport TV lapho ehlaziya khona izinqumo zonompempe ngeMisombuluko.

Lokho sekumenze waduma ngelikaSpot On. Nokho kulokhu akekho Spot On njengoba ebhekene necala lokukhwabanisa u-R15 million.

NgoLwesibili kuvele ukuthi usulile kulolu hello olubizwa nge-Extra Time.