EzakamuvaIbhola

Sekushiye omunye futhi umqeqeshi kwiSundowns

Omunye wabaqeqeshi abebesebenza kwiMamelodi Sundowns, uSiyethemba Badela, kulindeleke ukuthi atshikele kuRulani Mokwena, balibhekise enhle ne-Afrika.

Ngokubika kweDiski Times, uBadela obeqeqesha iSundowns kwiDStv Diski Challenge (DDC), usefake incwadi yokwesula kuleli qembu. Akukapheli nesikhathi esingakanani kushiye uMokwena kwiSundowns, okulindeleke ukuthi amenyezelwe yiWydad Casablanca, yaseMorocco, njengomqeqeshi wayo omusha.

Kuvela ukuthi lo mqeqeshi (uBadela) ukhona ethimbeni labaqeqeshi elizohamba noMokwena liye eMorocco. Lo mqeqeshi kubhekwe ukuthi asayine inkontileka emithathu neWydad, kanti bathi angafika nethimba lakhe labaqeqeshi.

UBadela ufike kwiSundowns ekuqaleni kwesizini edlule ngemuva kokwenza kahle kwi-All Stars FC kwiMotsepe Foundation Championship, ngesizini ka-2022/2023. Ngaphansi kwalo mqeqeshi iSundowns kwale kancane inqobe isicoco seDDC kodwa sagcina sihambe neStellenbosch FC.

Lo mqeqeshi ungowesithathu ukushiya kwiSundowns selokhu kuhambe uMokwena. Abanye umqeqeshi wonozinti, uMarcus Mashilo noSibusiso Mahlangu, obejimisa abadlali ukuthi babe yimiqemane ngokomzimba.

Ukufuduka kwabaqeqeshi kanje kwiSundowns kuchaza ukuthi kiningi okumele kuqalwe phansi njengoba kuzoqala isizini entsha ka-2024/2025.