IChiefs ilahlwe yicala kwavuka nelidala
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs ihlawuliswe kanzima yiPremier Soccer League (PSL), kwavuka necala elidala ngesikhathi ivele ekomitini layo (iPSL Disciplinary Committee) eliqondisa ubugwegwe.
Abalandeli beChiefs badinwa bajikijela ngesikhathi ibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership ngoSepthemba 28.
Babekhala ngezinqumo zikanompempe kulo mdlalo owagcina uphele ngo 2-1 kunqoba ompetha beligi.
Yize abalandeli bakhala badludluza ngezinqumo kulo mdlalo kodwa iSafa iphendule yathi ayikuboni okuphambene okwenziwa onompempe bayo kulo mdlalo.
“Ngingaqinisekisa ukuthi iKaizer Chiefs Football Club ivele phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe namuhla ekuseni,” kusho uZola Majavu, umshushisi wePSL, esitatimendeni.
“Lapha ibizophendula ukubekwa icala ngokujikijela kwabalandeli bayo ngoSepthemba 28, ngesikhathi bebhekene neMamelodi Sundowns FC.
“Balivumile icala base behlawuliswa u-R100 000, kanti u-R50 000 ulengisiwe ngombandela wokuthi bangazitholi benecala elifanayo ingakapheli isizini.
“Nokho bebesenesigwebo ebesilenga sika-R100 000 secala elifanayo ngesizini edlule. Lokho kuchaza ukuthi sebezekhokha u-R150 000 nezindleko zokuhlalelwa kwecala.”
IChiefs izobuyela emidlalweni yeligi ngokubhekana neSuperSport United, eFree State Stadium, ngo-Okthoba 26. Nokho ngaphambi kwalokho izobhekana neqembu elifanayo kwiCarling Knockout eqala ngempelasonto ka-Okthoba 19.
Ngesonto iChiefs izozwana amandla neMarumo Gallants koweCufe Cup kuyona le nkundla eseBloemfontein.