EzakamuvaImibono

‘UPetersen uzogcina ezifaka yena eskimini kwiChiefs’ 

Kuyangimangaza ukuthi iKaizer Chiefs ayikasho lutho ngesenzo sikaBrandon Petersen sokucishe axhophe umqeqeshi wakhe, uCavin Johnson, emthethisa kubuka izwe. 

Lo nozinti ushiye abantu abaningi bemangele ngemuva komdlalo we-Orlando Pirates neChiefs, eFNB Stadium ngoMgqibelo. 

Lo mdlalo weDStv Premiership uphele ngo 3-2 kuwina iPirates kodwa okugcine kukhulunywa ngakho ukuphithizela kukaBrandon Petersen ebhentshini leChiefs.

Ngaphandle kwesigameko sokukhuluma aze akhombe umqeqeshi ngomunwe ekupheleni komdlalo, uBrandon Petersen ubengahlali phansi wena owabona inkukhu ishiswa yiqanda, ngesikhathi kuqhubeka umdlalo. 

Ayikho inkinga ngokukhombisa intshisekelo yokuthi iqembu ufuna linqobe kodwa okukaBrandon Petersen kuthande ukwedlulela. 

Mhlawumbe lokhu akwenze ekupheleni komdlalo ubengalinda akukhulume nomqeqeshi ezindlini zokushintshela. 

Nakhona lapho sekuwukusho nje. Uzoze atshele umqeqeshi ukuthi akenzeni ngoba engunombolo bani yena uma izimbolo ziphelele? 

Yena lo Brandon Petersen ubenza inqwaba yamaphutha kodwa akekho owake wamthethisa esidlangalaleni. 

Indlela abenza ngayo amaphutha angenasidingo, yenze wamiswa ukuqala imidlalo njengoba sekuqala uBruce Bvuma. 

Iqembu nabaqeqeshi bamesekile ngakho konke, waze wanikwa nenkontileka entsha yeminyaka emibili. 

Abadlali akumele bayekwe benze lo mkhuba ngoba bazogcina betshela abaqeqeshi ukuthi yibona okumele badlale, hhayi usibanibani. 

Ngiyambona nje uBrandon Petersen esethi kumqeqeshi wakhe “uBruce Bvuma akezuvimba namuhla, kuzodlala mina.” 

Lo nozinti kumele abhale incwadi axolise kuCavin Johnson ngesenzo sakhe. 

Leyo ncwadi yesixoliso sakhe kuyomele iphanyekwe kwi-website yeChiefs ukuze ifundwe umhlaba wonke.

Noma abanye bangamvikela ngokuthi kukhona abadlali asebeke bakwenza lokho phesheya, abafana noCristiano Ronaldo kwiPortugal, kodwa angikaze ngibone uRonaldo ethethisa umqeqeshi wakhe aze amkhombe. 

Okwenziwe uBrandon Petersen ukweyisa nje futhi kumele bangakhuthazwa abadlali abasakhula ukuthi benze lo mhlolo. 

Uma eyekwa ngelinye uzokwenza okukhulu kunalokhu bese iChiefs ehlazweni elikhulu kunaleli evele ikulona.