EzakamuvaIbhola

Uthushuke kuMaZulu uKanu osanda kushiya iBay

SIHLE NGUBO

Uthushuke kuMaZulu FC uVusumuzi “Kanu” Vilakazi osanda kuhlukana neRichards Bay FC abengumqeqeshi wayo.

UVilakazi akazwananga nabaphathi beNatal Rich Boyz mayelana nenkontileka entsha, nokwenze ukuthi bagcine behlukene. IBay ivale isikhala sakhe ngokuqasha uBrandon Truter, ogcine ngokuqeqesha iSekhukhune United.

Impempe ibisanda kubhala ukuthi uVilakazi akajahile ukuthola iqembu, ngokusho komphathi wakhe uMike Makaab, kodwa bazoyibheka imisebenzi ekhona ukuthi angayithatha yini.

NgoLwesithathu Usuthu lukhiphe isitatimende lwamukela uVilakazi, oke waqeqesha iLamontville Golden Arrows ngokubambisana noMabhuti Khenyeza.

“Siyajabula ukumemezela uVusumuzi Vilakazi njengomqeqeshi weDStv Diski Challenge (DDC) kule sizi entsha ezoqala ka-2024/2025,” kusho isitatimende esithunyelwe AmaZulu.

“UKanu, njengoba aziwa kanjalo, usijoyina namava amakhulu njengoba eseke wasebenza, wenza kahle, kwiDDC kanjalo bePremiership. Sethemba ukuthi ulwazi analo luzolisebenzela kakhulu iqembu. Simfisela okuhle kodwa ohambeni lwakhe olusha neqembu.”