Komphela 1-1 Mokwena, igadlana buthule kulaba baqeqeshi
Kuyacaca ukuthi isihlekisana inhlinini phakathi kwabaqeqeshi bakuleli uSteve Kompela noRulani Mokwena.
Laba baqeqeshi bayaqhubeka ngokugadlala buthule, bachukuluzane nangamazwi aziswana.
Lokhu kugudlana kwabo ngamazwi kuthathe elinye igxathu kuleli sonto njengoba uKomphela egadle kuqala, wabuyisela noMokwena.
BUKA: AboSuthu bedlala ‘igalofu lezinyawo’
Ngempelasonto uKomphela ukhulume ngemuva komdlalo wezakhe wathi kunabaqeqeshi aseke wasebenza nabo phambilini abafihla ulwazi.
Lo mqeqeshi usanda kubuyeka kwiGolden Arrows kanti uyisize ibuye namaphuzu agcwele kwiPolokwane City ekuhambeni eLimpopo.
“Mina ngazi abanye abaqeqeshi esengike ngasebenza nabo ongeke usondele nje ezikhwameni zabo,” usho kanje uKomphela ngempelasonto.
“Bafana ama-pin code amane kuma-laptop wabo. Bafihla ulwazi sengathi olokwakha izikhali zenuzi.”
Ekhuluma ngomdlalo wabo olandelayo, uMokwena uziphendulele, naye egadla buthule kodwa kwacaca ukuthi inkulumo ibhekephi.
IMamelodi Sundowns, ecijwa uMokwena, izobhekana neMaritzburg United emdlalweni weNedbank Cup ngeSonto.
“Kumele siye kulo mdlalo sizilungiselele ngokugcwele,” kusho uMokwena ngalo mdlalo. “Ngilitholile ithuba elincane lokulungisa okuthile. Ngikwazile nokucubungula indlela esidlale ngayo sibhekene neSuperSport United, momdlalo owandulela lowo.”
Ube esegadla ke: “Kodwa kukhona neminye imidlalo egcwele kwi-laptop yami le enama-password amahlanu engasazoyibheka ngeokuhamba kwesikhathi.”

