Umphakathi uncoma amagalelo kaNsimbi owayedlala kwiPirates
PHILI HLONGWANE
Akaconsi phansi emphakathini wangakubo uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni, owayedlalela i-Orlando Pirates neBafana Bafana.
Lo mdlali uphenduke isilomo emphakathini ngesikhathi elethe ezemidlalo KwesakaMthethwa ngempelasonto edlule, lapho bekukhona imidlalo ehlukahlukene enkundleni eqanjwe ngaye, iSiyabonga Sangweni Sports Complex.
Imidlalo emikhulu yendlalelwe eyezingane ezineminyaka engaphansi kuka-13. Yilapho kuhlaluke khona ukuthi likhona ikhono eMpangeni namaphethelo. Isicoco sithathwe yiRomans United FC.
Iqembu iHappy Stars FC lishaywe sukukhahlelwa amaphenathi, likhishwa iRomans United. Kudlale ne-Under 20 yabafana isicoco sathathwa yiKhambi FC, iGolden Chiefs yaphuma isibili.
Namaqembu ebhola labesifazane abekhona. Kunqobe iSMS Abagijimi, kwathi i-Anadaone FC yaphuma isibili. Kwi-netball kunqobe iHotbabes, isibili kwaba Abasekhorinte. Emdlalweni omkhulu wabesilisa kunqobe iSangweni United FC, yathola u-R100 000.
Umphakathi waseDondotha ubonge uNsimbi ngokuthi ulethe imidlalo ezothuthukisa umnotho wangakubo, imidlalo ezoxosha ikati eziko. Abantu bajatshuliswa ukuthi bakwazile ukuhweba njengoba imidlalo ithathe izinsuku ezintathu.
Abanye bathole imisebenzi njengama-marshall. Abanye bebesebenza ukuhlanza konke enkundleni njengoba imidlalo ibiqhubeka. Bathi bayafisa ukuthi le midlalo ihlale ikhona njalo ngoba iyabasiza njengomphakathi.