EzakamuvaIbhola

UPetersen waxolisa ‘ngokuthethisa’ umqeqeshi weChiefs

Unozinti weKaizer Chiefs, uBrandon Peterson, usolwa ngokuziphatha kwakhe okwabukeka sengathi udelela umqeqeshi uCavin Johnson.

Lokhu kusukela esigamekweni esenzeka ngesikhathi bebhekene ne-Orlando Pirates kowedabhi yaseSoweto. 

UPeterson wabanjwa amakhamera bukhoma ebonakala ethethisa uJohnson, kodwa manje sekuvele ukuthi intukuthelo yakhe yayibhekiswe kwenye indawo.

Lo nozinti kuthiwa ukhwele wadilika komunye umdlali, watshela uJohnson ukuthi lowo mdlali ubadayisile kulo mdlalo.

Nokho abaphathi beChiefs abazange baname ngokwenziwa nguPeterson, bebona sengathi ezinye izinto zilungiswa kangcono esithe hhayi emphakathini.

“Leyo vidiyo yasabalala kubantu abaningi kanti abaphathi abajabulanga ngoba bebecabanga ukuthi akahloniphi umqeqeshi,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiPhakaaathi.

“Kubonakale sengathi akeneme ngezinhlelo zomqeqeshi emdlalweni noma ngabe yini futhi ikakhulukazi ngemuva kokuhlulwa kulowo mdlalo. 

“Uma umdlali enza lokho kubukeka sengathi uzibona emkhulu kuneqembu, ngicabanga ukuthi yilokho okucasule abantu abaphezulu,” kuqhuba lo mthombo.

Ube usuveza ukuthi ulaka lukaPetersen lwalungaqondisiwe kuJohnson, kodwa wayecasulwe omunye uzakwabo.

“UPeterson ubengamthethisi uJohnson, ubengeneme neze ngokwenziwe ngomunye umdlali emdlalweni. 

“Ungumuntu onothando, uyayithanda ikilabhu yingakho ebenjalo. Kodwa, kumele ukhumbule ukuthi uma ukwiChiefs, awenzi nje izinto noma kanjani. 

“Kunendlela ethile abadlali beChiefs abaziphatha ngayo. Utshelwe ukuthi angaphinde akwenze lokho waxolisa eqenjini lonke nakubaphathi.”