Kuqashwe nowayeqeqesha kwiChiefs kwelaseGhana
SIHLE NGUBO
Abadlali abake bagijima emaqenjini amabili ePremier Soccer League (PSL) eNingizimu Afrika, sebenikwe umsebenzi wokuqeqesha iqembu lesizwe laseGhana.
UFatawu Dauda, owayevimbela i-Orlando Pirates, noJohn Paintsil owayedlala emuva kwiMaritzburg United, basethimbeni labaqeqeshi abazama ukubuyisa isithunzi seBlack Stars.
UFatawu Dauda ungumqeqeshi wonozinti eqenjini lesizwe laseGhana, kanti uJohn Paintsil uyiphini lomqeqeshi.
UPaintsil wawuqala kwiKaizer Chiefs umsebenzi wokuqeqesha ngesikhathi elandwa uSteve Komphela ukuba azomsiza eminyakeni ecela eshumini edlule.
Umqeqeshi omkhulu kwiBlack Stars ngu-Otto Addo, kanti elinye iphini lakhe (ngaphandle kukaJohn Paintsil), uJoseph Laumann.
IGhana ishaye udaka kakhulu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023, iphuma ekuseni kulo mqhudelwano.
Kusolwe ukungahlangani kahle kwabadlali nokuzibona bebakhulu kuneqembu lesizwe kwabanye.
Nokho kuyaqapheleka ukuthi alukho ushintsho olutheni eqenjini lesizwe laseGhana elizodlala imidlalo emibili yobungani ngempelasonto.
Izelamani u-Andrew Ayew noJordaan Ayew, basekhona eqenjini. Abanye abalandeli abayizwa kahle indaba yalaba badlali eqenjini lesizwe.
Okunye okuqaphelekile ukuthi akekho unozinti wePirates, uRichard Ofori, ongabanga ne-Afcon enhle ngoJanuwari noFebhuwari.
Vele lo nozinti ulizwa ngendaba ijezi eqenjini lakhe eZimnyama. IGhana izobhekana neNigeria emdlalweni wobungani ngoMashi 22.
FUNDA NALA:Â U-Irvin Khoza akashiye eseyilungisile eyesikhulu esiphezulu
Ngemuva kwalokho izotholana phezulu ne-Uganda komunye umdlalo wobungani ngoMashi 26.

