EzakamuvaIbhola

KwiChiefs babengiphatha njengentombi eyikhwapha – Khuzwayo

UBrilliant Khuzwayo, owayevimbela iKaizer Chiefs, uthi yena wayephathwa njengomakhwapheni eNaturena, kuthandwa kakhulu u-Itumeleng Khune.

Lo nozinti udlale kwiChiefs esavutha bhe uKhune, nokuyinto eyayenza ukuthi kube nzima kuyena ukuthola isikimu.

Nokho ukholwa wukuthi uKhune wayethandwa kuze kweqe kuleli qembu, yikho yena ayezithola encela izithupha ngaphandle.

“Uma ukhumbula kahle ngesikhathi iChiefs igcina ukunqoba indebe, kwakuyiMTN8, kwase kwaba yiligi, yimina owayesezintini,” kusho uBrilliant Khuzwayo kwiGagagasi FM.

“Kodwa abalandeli babenamathele kuyena (uKhune) kangangoba babefuna u-Itu, kodwa kukhona okwakungahlangani kahle.

“Wayekhonzwe kakhulu futhi ngesinye isikhathi babungekho ubulungiswa ukuthi abe nguyena owokuqala.

“Wayengasebenzi ngokuzikhandla ejimini ukuze kube uyena unozinti ophambili.”

UBrilliant Khuzwayo washiya iChiefs wayodlalela izimbangi i-Orlando Pirates. 

Kuleli qembu akazange azibonakalise kahle, ngenxa yokushaywa ukulimala eqakaleni, okwamenza wawagaxa emgibeni amagilavu akhe ngo-2019.

“Lesi esinye sezizathu ezenza ukuthi iChiefs ishone phansi. Ngangifana nentombi eyikhwapha kwiChiefs, ngazi kahle ukuthi kukhona uKhune,” kusho lo nozinti owake wayibamba nakuMaZulu FC.

UKhune usekhona kwiChiefs futhi abalandeli bayo basamthanda namanje. Kuzocaca ngokuphela kwesizini ukuthi kwenzekani ngalo nozinti njengoba kuphela inkontileka yakhe ngoJuni.