Icala leSpurs lingayishovela ezembeni iSwallows
ICape Town Spurs idlale umdlalo wayo weDStv Premiership neMoroka Swallows inesikhalazo ngokuthile ebingenelisekile ngakho ngeSonto ntambama.
ISpurs ihlulwe ngo 1-0 kulo mdlalo obuse-Athlone Stadium. Igoli ehlulwe ngalo lishaywe uGabadinho Mhango.
Kodwa ke lokhu kunqoba kweSwallows kungas ekungasho lutho njengoba iSpurs ikhala ngokuthi idlalise abadlali abangabhalisiwe ngokufanele.
Lokhu kusuka ekutheni iSwallows yaxosha abadlali ababalelwa ku-22, abanye babuya sebenezinkontileka ezintsha.
Nokho iSpurs ikubuka ngelinye iso lokhu, futhi ngokubika kwe-iDiski Times, akwenziwanga ngendlela efanele.
Ngamanye amazwi akulandelwanga imigudu efanele yePSL ngesikhathi isibabhalisa kabusha.
ODaniel Akpeyi, Thakasani Mbanjwa, Mthokozisi Shwabule, Sipho Sibiya, Lantshane Phalane, Givemore Khupe, Lindokuhle Mtshali, Kwanda Mngonyama noTlakusani Mthethwa babuyiswe ngemuva kokuxoshwa.
ISwallows seyidlale imidlalo emihlanu yeligi kusukela lapho, kanti inqobe owodwa, yadlala ngokulingana kowodwa.
Uma iPSL ingakhipha isinqumo esivuna iSpurs kulolu daba – okulindeleke lusheshe luhlalelwe – kungabe kuphelile ngaleli qembu laseSoweto.
Okokuqala nje, lingaphucwa amaphuzu amane eliwatholile kule midlalo elisebenzise kuyo laba badlali okukhalwa ngabo.
Okwesibili, kungasho ukuthi ngeke isakwazi ukuqhubeka nokubasebenzisa, okungaba yinkinga enkulu njengoba bengumgogodla weqembu.
Uma iphucwa lamaphuzu amathathu, ingehlela endaweni yesithathu ukusuka emsileni kwilogi.
FUNDA NALA:Â UJunaid Hartley ubhoboka ngokubulala ikusasa ngezidakamizwa
Lokho kungabe sekusho ukuthi iqhele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwiSpurs esemsileni njengamanje ngamaphuzu angu-12.

